Now Reading
Ngabe iMK izoba yisinamuva noma izokholwa izagila ngesikhongeli sayo
Dark Light

Ngabe iMK izoba yisinamuva noma izokholwa izagila ngesikhongeli sayo

IsiZulu sithi isinamuva liyabukwa siphinde sithi isukamuva likholwa izagila.

Lona ngumbuzo ofikele abaningi emveni kokusabalala kwesikhangiso seqembu uMkhonto Wesizwe (MK) serali yokuqala yaleli qembu yokwethula isikhongeli emveni kwezinyanga eziyisi-6 lasungulwa.

Leli qembu yilo kuphela kwasematheni okuze kube yimanje elingakawethuli umqulu wezethembiso zokhetho kubantu yize usuke wasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana. IMK izokwethula umqulu wezethembiso zokhetho enkundleni i-Orlando Stadium eGoli zili-18 kuNhlaba sekubalwa izinsuku kuyiwe okhethweni.

See Also

Le rali izondlalelwa ngamancane azobanjwa kule mpelasonto ezinkundleni zemidlalo eMbumbulu naseFreedom Park KwaMashu lapho kulindeleke khona ubuholi besifundazweni. Umholi weMK uMnu uJacob Zuma kubhekeke ukuba ethule inkulumo yosuku e-Orlando Stadium.

Scroll To Top