ASIBADINGI: I-ATM inxusa ukuba iZANU-PF ivinjwe ukuthi ibheke ukhetho
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano i-African Transformation Movement (ATM) ithi iqembu elibusayo eZimbabwe, iZimbabwe African National Union-Patriotic Front (ZANU-PF) ayingavunyelwa ukuba ibe ingxenye noma ibheke ukhetho.
Le nhlangano ithi lokhu kungenxa yobudlelwano beZANU-PF enabo ne-African National Congress (ANC).
Umholi weqembu uVuyo Zungula usebhalele iKhomishini Yokhetho Ezimele (IEC) ngemuva kokuthi i-ANC imeme iZANU-PF ukuthi izobheka ukhetho oluzayo. UMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa uthe iZANU-PF ngeke iphazamise uhlelo lokhetho.
“Ubudlelwano phakathi kwala maqembu womabili buyinto eyaziwayo ngangokuthi, phakathi nobhubhane lomhlaba wonke lapho kungekho muntu owayesuka kwelinye izwe eya kwelinye, kwaba nesimangaliso sendiza [eyasuka] eNingizimu Afrika igitshelwe amalungu e-ANC eyohlangana ngasese neZANU-PF. Benza konke okusemandleni ukuthi bakwazi ukuhlangana,” kusho uZama Ntshona, okhulumela i-ATM.