Now Reading
Eyamanzi isiyinduku yokugadla kugaywa ivoti
Dark Light

Eyamanzi isiyinduku yokugadla kugaywa ivoti

Ngelanga lokhetho mhla zingama-29 kuNhlaba kunomphakathi waseNingizimu Afrika okuzomele uhambe ibanga elide uyokha amanzi okanye ulinde isikhathi esingaziwa iloli elithumela amanzi ukuze ukwazi ukuzilungiselela ukuya ezikhungweni zokuvota. Inkinga yamanzi ezweni iyaqhubeka nokuba yimbi naphezu kwezethembiso zokushintsha kwesimo.

Kusuka kuqale unyaka uNgqongqoshe Wezamanzi Nenhlanzeko uMnu uSenzo Mchunu uphuma engena emphakathini exoxisana noMasipala nemiphakathi. Yize inkinga yamanzi ezweni kuyinto endala, kodwa iqale ukugqama ngasekuqaleni konyaka odlule isigadla nasezindaweni ezingaphansi komasipala abakhulu njengeTheku, iNelson Mandela Bay neKing Sabaha Dalindyebo (KSD). 

Esikhathini esingamasonto amabili ngaphambi kokhetho amaqembu aphikisayo asebone intuba yokugaya ivoti esebenzisa usizi lomphakathi lokungabi nawo amanzi. Izolo umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema utshele abantu base-East London e-Eastern Cape ukuthi iziboshwa ziphila impilo engcono kakhulu kunawo ngoba zona zinamanzi. Uxwayise umphakathi walapha ukuthi konke kulele kuwona.

“Uma nisafuna ukuqhubeka nokuphila impilo eyedlulwa eyeziboshwa ningaqhubeka nokuvotela i-ANC,” kusho uMalema enkulumweni yakhe elandelwe ihlombe. NgoLwesibili umholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uJohn Steenhuizen utshele abantu base-Upington eNorthern Cape ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela ngokuphela kwamanzi okwenziwa ngamabomu uHulumeni oholwa i-ANC.

“Niqale nanqanyulelwa ugesi, isigubhukane usubuyile futhi manje sesinenkinga entsha yamanzi. Qaphelani ukuthi ivoti lenu niliyisa kuphi, uma sithi izwe liyasha sisuke sikhuluma ngalezi zinto ezenzeka phambi kwethu.”

Ngesikhathi senkulumo yomkhankaso ojutshwe kwesikaNdunankulu eqenjini i-InkathaFreedom Party (IFP) KwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli uveze ukuthi uma benikwa amandla bazoyilungisa inkinga yamanzi eThekwini ehlula i-ANC.

NgoMsombuluko umphakathi wakwaXimba uthe sekuyisikhathi eside ungenawo amanzi yize le ndawo isiphenduke inoni kwabezepolitiki ngama rally abanjelwa khona. Ukuba matasa kwalo koMnyango oholwa uMchunu ngalesi sikhathi lapho izwe lizobamba khona ukhetho lukazwelonke sekuchazwe njengezindlela zokwenza isiqiniseko sokuthi kushaya umhla wama-29 zingekho izindawo lapho umphakathi usakhala khona ngamanzi.

See Also

Usizi lwakamuva lwamanzi emphakathini kubonakala kungathi sekuyimpilo esiyamukelekile njengoba usuphila ngokuthunyelelwa amanzi ngamaloli. Njengoba sezihubela sakusha ngokhetho umphakathi awukufihli ukuthi sekuyacaca ukuthi impilo yokunqanyulelwa amanzi uphiliswa yona ngenhloso ukuze kuqhubeka ukudla kwabathile abanentshontsho emalolini athumela amanzi. Sekukaningi elaboHlanga libika ngenkinga yamanzi eThekwini, kuthintwa nabamele uMkhandlu kujike kube nhlanga zimuka nomoya. Kwezinye izindawo  ezisenyakatho yeTheku amanzi anqamuka ngoMsombuluko sebesizwa awemvula elilokhu liyidliva.

“Mfowethu thina sesiyazibukela nje ngoba akukho esingakwenzile. Siphila ngaphandle kwamanzi kodwa nakhu nawe uyazibonela ngawakho uyageleza emgwaqeni ngenxa yepayipi elinqamukile,” kuzikhalela isakhamuzi esicele ukubizwa ngoCele eVerulam.

NgoNdasa umphakathi wasoThongathi nezindawo ezakhelene nawo uvuke umbhejazane wavala umgwaqo uR32 ngamathayi avuthayo ufuna ukuba izincazelo ngokuthi kungani sekuphele isikhathi ungenawo amanzi. Okuqaphelekayo ngokuntuleka kwamanzi ukuthi kugadla kuzona zonke izindawo nakulezo okwabe kungezezinhlanga ezithile kuphela.

Scroll To Top