UNkk uNonkululeko MaHlongwane Mhlongo omele iRise Mzansi embangweni wokuba uNdunankulu KwaZulu-Natal, uthi akumfaki itwetwe ukuthi ubanga nabesilisa futhi abanamava kwipolitiki.
Akwethusanga ukuthi eqhulwini lwezethembiso zokhetho eqenjini i-Action SA bakhulume ngabazokwenza ukuqinisa ezokuphepha nokuvimbela ukungena kwabantu bangaphandle ngokungemthetho kuleli.
Emlandweni uzongena njengomholi owagcwalisa iMabhida watshengisa abanye abafana ukuthi udosi lwe-Inkatha lusayingozi.
Kuzophoqa amaqembu angenhla ukuba aqhamuke namaqhinga amasha okukhankasa kwazise sekunenye inkunzi esibayeni.