UMakashule Gana uthi ukuvotela i-Action SA kuyefana nokuvotela iDA
UMnu uMakashule Gana ongumhleli kaZwelonke weRise SA ube nemibono eqinile mayelana neqembu lakhe laphambilini iDemocratic Alliance (DA). Ubeke iqembu leDA njengelishabalalayo futhi elizozuza emaqenjini afana ne-Action SA.
UGana, osenesipiliyoni seminyaka kwezombusazwe ngemuva kokuba yilungu leDA waze wesula ngowezi-2022, uthe lokhu kuyitulo le qembu leDA lokuba lithole amavoti kulolu khetho oluzayo lukazwelonke. Amanye amaqembu awabalile kubalwa kuwo i-ACDP kanye neFreedom Front Plus njengamaqembu okuzozuza kuwo iDA.
Ukusho lokhu ezinkulungwaneni zabalandeli beRISE Mzansi ebezihlangene eRuimsig Stadium eRoodepoort, eGoli ngeSonto embuthanweni wokugcina weqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke kulenyanga.
“Iqembu leDA elithembisa ukutakula iNingizimu Afrika kepha lisehlulwa ukutakula abantu baseHamanskraal, eSoshanguve, kanye nabaseMitchells Plain,” kubeka uGana.
Uphinde wathi bakubeke kwacaca njengeqembu ukuthi ngeke bengene kumadlelandawonye ngaphambi kokhetho, njengoba beyiqembu elisha.
Kuwo lo mbuthano, umholi weRise Mzansi uMnu. uSongezo Zibi uthembise izinkulungwane zabalandeli bakhe ukuthi iqembu lakhe linohlelo lokwenza ubulungiswa busebenze ngokwehlisa izinga lokubulala eminyakeni emithathu.