UMntungwa uyanqaphaza ngokuxoshwa kuMkhonto


Umbango oshisa phansi wobuholi boMkhonto Wesizwe phakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uJabulani Khumalo ongumsunguli waleli qembu akuselula ukuba uthikameze izinhlelo zeKhomishini Ezimele Yokhetho njengoba iKhomishini isiqalile izinhlelo zokushicilela amaphepha okuvota okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe. Emuva kokuba uMnu uKhumalo ebhalele iKhomishini Yokhetho mhla zi-5 kuNhlaba eyinxusa ukuba isuse igama likaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende aphinde asuswe njengomholi.
Isikhulu seKhomishini Yokhetho esizinze KwaZullu-Natal sikuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi incwadi kaKhumalo yafika kuzo iziphathimandla zeKhomishini. Emini bebade iKhomishini Yokhetho bese iphendulile esicelweni sikaKhumalo. Empendulweni yayo iKhomishini Yokhetho ithe ayikwazi ukungena ezindabeni zamaqembu yona ekwaziyo ukuthi umholi woMkhonto wesizwe obhalisiwe ngumnu uJacob Zuma. I-IEC iphinde yasabalalisa nencwadi eyabhalwa nguKhumalo mhla ziyisi-9 kuMbasa wezi-2024 lapho ayazisa khona le nhlangano ngokuthi uyasula njengomholi weMK indawo yakhe uyinika uMnu uJacob Zuma. Encwadini ayibhalile uKhumalo uthi naye uthathe isinqumo sokumisa uZuma ngokushesha ebuholini beMK. UKhumalo uthi le ncwadi wayithumelela nakwabanye abaholi beMK. Uthi wabatshela abaholi beMK ukuthi uZuma uzama ukudla ngehheshe iMK ehlangene nabathile abamesekayo.
Uveza nokuthi ubesekhathele ukuhlukunyezwa yindodakazi kaZuma uDuduzile uMaZuma Sambudla. Uveza nokuthi ngesikhathi bexoxa ngokusungulwa kwenhlangano uZuma waphakamisa ukuthi akumele kube inhlangano ezohambela kude noKhongolose ngoba yiwo oyinhlangano engene kubantu futhi abayaziyo. UKhumalo ekanye nabanye abahlanu bakhonjwe indlela kuMK ngezinsolo zokuthi kukhona intshontsho abalitholayo ezimbangini zoMkhonto ukuze kudungwe iqembu. Imibiko engaqinisekisiwe ithe uKhumalo wahluleka ukunika ubufakazi obubambekayo ngokuthi wayithathaphi imali yokuthenga izimoto zohlobo oluphambili ezingama-4×4 njengoba iMK ingenawo amaholo.