INkantolo Yomthethosisekelo izonquma ngokuya kukaZuma ePhalamende
Kuzophela ukuqagula namuhla ekuseni lapho iNkantolo Yomthethosisekelo kubhekeke ukuba ikhiphe isinqumo ngokuthi uMnu uJacob Zuma uzokwazi yini ukuyomela iqembu lakhe uMkhonto Wesizwe ePhalamende uma linqoba izihlalo emuva kokhetho. Ngesonto eledlule iNkantolo Yomthethosisekelo ilalele isicelo seKhomishini Ezimele Yokhetho esiphikisa isinqumo Senkantolo Yokhetho eyavuna uMnu uZuma ukuba abe sohlwini lwamalungu oMkhonto Wesizwe aya ePhalamende.
Noma ngabe isinqumo sanamuhla sivuna uZuma okanye siyamchitha akukho okuzoshintsha ohlwini lwephepha lokuvota njengoba ubuso bukaZuma kuyibo obuzovela ngaphansi kweMK. Uma uZuma ekhala ngaphansi iMK kuyodingeka ivale isikhala sakhe kwabaya ePhalamende njengoba igama lakhe kuyilo elizohola phambili. Ekhuluma kurally yeMK e-Orlando Stadium ngoMgqibelo uZuma wagxeka indlela okusebenza ngayo abehluleli ezweni. “Senike nayibona into eyenziwa amaJaji uma ekuzonda, ayakwazi ukugwebela into engekho,” kusho uZuma ekhuluma gokugwetshwa kwakhe izinyanga ezi-15 ejele ngokudelela inkantolo ngonyaka wezi-2021. Yiso lesi sigwebo iNkantolo Ezimele Yokhetho esisebenzisayo ekuphikiseni iNkantolo Yezokhetho eyavuna uZuma.
Ephuzwini eliphambili kubameli bakaZumangelokuthi isigwebo sakhe sehliswa emuva kokuthola ushwele kuMengameli uCyril Ramaphosa. Kwathatha isikhathi ukuthi inkantolo Yezokhetho ingazikhiphi izizathu eziholele esinqumweni sayo. IKhomishini Ezimele Yokhetho yathatha lolu daba yaluphonsa eNkantolo Yomthethosisekelo okuyiyo enezwi lokugcina. Isicelo sikaZuma Zuma sokuba abehluleli aba-6 kule Nkantolo bahoxe ekulaleleni leli cala ngoba ekholelwa ukuthi angeke babenze ubulungiswa uma sekuthathwa izinqumo ngoba babeyingxenye yabehluleli abamgweba ecaleni lokudelela inkantolo ngowezi-2021 sachithwa. Kulesi sicelo uZuma wayesebenzisa Isigaba 167 (2) esithi icala kule nkantolo kumele lilalelwe abehluleli abayizi-8. Ukuchithwa kwalesicelo kwabonakala njengehlandla lokuqala lokunqoba kweKhomishini Yokhetho
Ephawula odabeni lukaZuma ummeli uMpumelelo Zikalala uthe kumele kukhunjulwe ukuthi uZuma wehliselwa isigwebo nguMengameli futhi neSigaba 2 Somthethosisekelo siyasho ukuthi uMengameli unawo amandla okuthatha lezinqumo, ngakho leli yiphuzu okuzomele lidingidwe yinkantolo yomthethosisekelo ngamandla kamengameli. Uthe uma inkantolo yomthethosisekelo imchitha uZuma sekuyosho ukuthi angeke akwazi ukuya ePhalamende. esinye isazi sezomthetho uMnu uDonda Qulu uthe iNkantolo Yomthethosisekelo kumele ikhiphe isinqumo esizoba nobulungiswa ngoba kukhona ukukhuluma okuthi icheme nohulumeni futhi nokuchithwa kwesicelo sikaZuma sokuba kube khona abehluleli abahoxayo sashayisa amakhala