Embangweni wokuphatha eWestern Cape akekho okhuluma ngaboHlanga
Amaqembu amakhulu epolitiki yaseNingizimu Afrika awakuphiki ukuthi ezifundazweni ezi-9 zakuleli asibheke kakhulu iKwaZulu-Natal nokungaba yiso esingacacisa ukuthi yiliphi iqembu elinganqoba ukhetho kuzwelonke.
Ngesikhathi injolozela ikwelikaMthaniya, kunokuncintisana okuqhubeka buthule esifundazweni iWestern Cape phakathi kweqembu elibusayo kulesiya sifundazwe iDemocratic Alliance (DA) nePatriotic Alliance (PA). Lapho iDA ikhankasa khona ezingxenyeni ezihlukene zezwe, isebenzisa iWestern Cape njengesibonelo sendlela ebusa ngayo.
Leli qembu yilo eliphethe isifundazwe kanjalo nedolobha iKapa noMasipala abaningi yize kwabanye ibaphethe ngokubambisana namaqembu amancane. Sekuphele iminyaka eli-15 iWestern Cape ingaphansi kweDA, uNdunankulu wokugcina ngaphansi kwe-ANC kwaba nguMnu u-Ebrahim Rasool. Kulolu khetho leli qembu eliholwa nguMnu uJohn Steenhuizen kubukeka lingaphansi kwenkulu ingcindezi eWestern Cape ngenxa yokudlondobala kwePatriotic Alliance kaMnu uGayton McKenzie. IPA iqale ukuzibonakalisa okhethweni lohulumeni bezindawo ngowe-2021 ngoLwezi ithatha omasipala abehlukahlukene okwagcina kuholela ekutheni uMcKenzie aqokelwe kwesobuMeya.
Lokho kumnike ithuba lokusebenzisana namaqembu ahlukene wabona nobuthaka beDA okuyibo abonakala ebusebenzisa. Lo mholi uzifake ezinhliziyweni zabavoti eqala umkhankaso wokuvimbela abokufika emngceleni wakuleli eLimpopo ngaphandle kosizo lwamaphoyisa namasosha. ISekela likaMengameli kuPA uMnu uKenny Kunene wazibonakalisa ngesikhathi ebambe isikhundla seMeya izinsukwana kuMasipala waseGoli eqala umkhankaso wokuhlola amabhilidi amadala ekhipha ngoshova abokufika.
UMcKenzie usekubeke kwacaca ukuthi indlela yeDA eya ekunqobeni iWestern Cape izoba nzima. Ekhuluma ku-rally yaleli qembu enkundleni i-Athlone Stadium ebigcwele ivale ngomuntu uthe umphakathi wamaKhaladi usulaxazwe kuhle kwenyongo yenyathi isikhathi eside, sekuyisikhathi sokuthi usukume ukhohlwe ngokwedlule.
“Ngiyalwazi usizi olibhekene nomphakathi wamaKhaladi ikakhulukazi eWestern Cape ongakwazi nokunyakaza ngenxa yokuthi konke okwawo kuza ngamuva. Ngiyazi ukuthi senaze nakujwayela ukuthi nizokhangeza imvuthuluka esala etafuleni lapho abanye sebecoshe konke okunonile,” kusho uMcKenzie ngesiBhunu okwalandela ukunanelwa yihlombe. Lo mholi usebenzisa leli thuba ukukhuluma lokho okuzozwakala kahle kumaKhaladi.
Ukwesekwa kwePA kubonakale nangokudla amawadi amabili abeholwa yiDA ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela ngenyanga edlule. UMcKenzie uthembisa ukuthi uzoqinisa umthetho lapho kushushumbiswa khona izidakamizwa aphinde alwe nokuqubuka kwamaqembu ezigebengu aholela ekubulaweni kwezingane.
Ekhankasa ezingxenyeni zeWestern Cape uSteenhuizen watshela abalandeli beDA ukuthi uma bekholelwa kokushiwo yiPA bazimoshela isikhathi ngoba bazoyivotela bese ithatha ivoti labo ilijikijele emaqenjini amancane ukuze kube yiyo esemandleni. Ngesikhathi sokuloba lapha iDA ibizokhipha isitatimende sokusonga impelasonto ngemikhankaso yayo eWestern Cape okuze kwashaya isikhathi sokuloba singakafiki.
Embangweni weWestern Cape kulamaqembu alikho elikhuluma ngomphakathi ohlala ezindaweni zaboHlanga njengeKhayelitsha, Inyanga, iLanga namanye amalokishi namatshotshombe.