Luvele obala uqhekeko kuMK oGwini
Ukungabikhona kobuholi obuqokiwe eqenjini uMkhonto Wesizwe kuyaqhubeka nokudala ukwehlukana kuleli qembu kulandela ukuvumbuka kolunye uhlaka oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal oluthi yilo olunamandla okuthatha izinqumo. Kusuka ngeledlule lolu hlaka belumemezela ukuthi luzobamba uhlelo lokuqeqeshwa kwabazomela iMK ezikhungweni zokuvota mhla zingama-29 kwephzulu kuzona zonke izikhungo zokuvota oGwini. Ngokwesimemezelo ukuqeqeshwa kuzoqala namuhla eCivic Centre edolobheni iPort Shepstone kusuka ngehora le-9 ekuseni.
Ngesikhathi sokuloba lapha bekukukhulu ukudideka kumalungu aleli qembu emuva kokuba ngempelasonto kusabalale esinye isitatimende esiphuma kuleli qembu siqhelelanisa ubuholi beMK nolwazi ngalokhu kuqeqeshwa kwamalungu ukulungisella ukhetho. ElaboHlanga lithole ngomthombo walo ongaphakathi kuleli qembu izolo ekuseni ukuthi kusuka ngehora lesithupha amalungu aleli qembu bese eqalile ukuhlanganyela ezindaweni ezibaluliwe enikela ePort Shepstone.
Isitatimende esikhishwe ngesandla sikaMnu uLungani Hlongwa onguMdidiyeli Wesikhashana kuSifunda uGu uthe njengobuholi boMkhonto Wesizwe Party eLower south Coast Region bazwile ngaloku kuqeqeshwa kwamalungu azokuba ngamaParty Agent kodwa bona njengobuholi abanalwazi ngalokho.
“Sifisa ukukucacisa ngokusobala ngaphandle kokwesaba ukuthi akukho ukuqeqeshwa kwalolu hlobo okuzokwenzeka namuhla esinolwazi ngakho, futhi abekho abantu esibahlonzile ubazoba yingxenye yalokhu kuqeqeshwa okuthiwa kuzobanjelwa eCivic Centre ePort Shepstone,” kusho uHlongwa.
Uveze ukuthi ukuqeqeshwa kamaParty Agent okusemthethweni nokwesekwa yiqembu kwenzeke ngeSonto zi-5 kuNhlaba lapho wonke amawadi abemelwe khona.
“IMK iyaziqhenya ngokuthi isebnza ngokulandela umthetho nentando yabantu okuyikho okuwumgogodla weqembu. Kuyinqubomgomo yeqembu ukuthi zonke izinhlelo okuhlanganisa nokuqeqeshwa kwenziwe ngendlela evulelekile, esemthethweni futhi engenakho ukuhlukanisa phakathi abantu. Sikhathazkile ngokuthi kukhona abasebenzisa izindlela ezingekho emthethweni ukuzuza udumo nokugqama,” kuphetha uHlongwa.
Labo abahlele ukuqeqeshwa kwamaParty Agent eMK namuhla batshele leli phephandaba ukuthi uqeqesho langeSonto belufihliwe yingakho lwenziwe ngalolu suku ngoba bekuhloswe ukushiya ngaphandle amanye amalungu.