INkantolo Yezokhetho izonquma odabeni lukaKhumalo
Uyaqhubeka nokufaka ingcindezi ngokuxoshwa kwakhe eqenjini uMkhonto Wesizwe uMnu uJabulani Khumalo. Ukuchithwa yiNkantolo yoMthethosisekelo emizamweni yakhe yokungenelela ecaleni leMK, uZuma neNkantolo Yezokhetho akuzange kumthene amandla.
UKhumalo unikele eNkantolo Yezokhetho lapho efuna ukuba isuse uMnu uJabob Zuma njengobuso beqembu. Namuhla iNkantolo Yezokhetho isamukele isicelo sikaKhumalo. Le Nkantolo ivumile ukuthi izonquma ngalolu daba.
UKhumalo ufaka lolu daba nje izolo iNkantolo Yezomthethosisekelo ichithe uZuma ekubeni abe yilungu lePhalamende ngenxa yokugwetshwa kwakhe ngowezi-2021 ngokudelela umyalelo seNkantolo. UKhumalo uthi waxoshwa indodakazi kaZuma kuMK uDuduzile ngaphandle kwezizathu. Usamile ekutheni nguye ongumsunguli woMkhonto Wesizwe, uZuma wakwazi ukufaka imali kuphela waluleka nangokuthi uma kuqalwa iqembu elisha akumele liqhelelane kakhulu ne-ANC ngoba yiyo abantu abayaziyo.
Ezinye izinsolo asolwa ngazo uKhumalo ukuvumbuka ngezinguzanguza zezimoto zama 4X4 okungacaci ukuthi uzithole kanjani, kanti naye wahluleka ukunika incazelo ngazo ebuholini beMK.