Now Reading
URamaphosa uthi mancane amathuba okuthi iMK yenze kahle okhethweni
Dark Light

URamaphosa uthi mancane amathuba okuthi iMK yenze kahle okhethweni

UMengameli we-African National Congress (ANC) uCyril Ramaphosa usegadle eqenjini uMkhonto Wesizwe (MK) ethi mancane amathuba okuthi lenze kahle okhethweni lwangesonto elizayo.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhankasa eSiphingo KwaZulu-Natal. Ukuphawula kukaRamaphosa kuza ngesikhathi kubikezelwa ukuthi ukwesekwa kwe-ANC kuzophinde kwehle esifundazweni njengoba kwenzeka okhethweni lukazwelonke lwango-2019.

“Bakwethu siyabonga ngokusebenza ngokuzikhandla emkhankasweni wethu nokuwubeka kuleli zinga. Ngoba iKwaZulu-Natal ivundile futhi kuyacaca ukuthi amanye amaqembu amasha afana neMK, ngeke awathole amavoti ngoba abantu baKwaZulu-Natal bakhombisa ukuthi bayayithanda i-ANC,” kwengeza uRamaphosa.

Scroll To Top