Now Reading
UHulumeni uwotha ubovu kungqongqiswa uphawu lwezwe
Dark Light

UHulumeni uwotha ubovu kungqongqiswa uphawu lwezwe

Isikhuni sibuya nomkhwezeli ngegidigidi lesikhangiso seDemocratic Alliance (DA) esikhombisa kushiswa ifulegi lakuleli njengophawu lokungqongqa kwezwe. UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namaciko uMnu uZizi Kodwa uthathela izinyathelo zomthetho leli qembu ngesenzo salo asichaze njengesigcwele inzondo nokungalithandi izwe.

Ekusukumeleni lolu daba uKodwa usenxuse uMqondisi Jikelele osabambile, abeluleki nophiko lwezomthetho loMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko ukuba lumnike izeluleko eziphuthumayo ngokuthi yisiphi isinyathelo okumele uHulumeni usithathe uma izinto eziwuphawu lezwe njengefulegi zibukelwa phansi ngalolu hlobo. 

UKodwa ube ngomunye wabagxeke kakhulu isikhangiso seDA esethulwe ngokusemthethweni ngeSonto emkhankasweni waleli qembu. Kuze kube yimanje lesi sikhangiso sihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana nasekhasini lokwazisa laleli qembu, namuhla ekuseni bese sibukwe ngabantu abayizigidi ezi-3.

UKodwa uthe, “Ukubukelwa phansi kwezimpawu zezwe njengefulegi akumele kusetshenziswe njengesikhali sokulwa izimpi zezepolitiki nomkhankaso wokhetho, ngoba ukwenza njalo angeke kwabekezelelwa. Sithatha izinyathelo ngalesi senzo ukuze siqinisekise ukuthi kuba nomphumela,” kuphawula uKodwa izolo.

Uthe njengoHulumeni abakwazi ukusonga izandla kucekelwa phansi izinto ezimqoka eziyingxenye yezithukuthuku zenkululeko eyazuzwa kanzima. UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukushiswa kwefulegi kuwukuvukela umbuso. Uthe izimpawu zezwe kumele zibe ngaphezulu kwepolitiki.  Naphezu kwalokhu iDA iyaqhubeka nokuzithethelela. 

Ekhuluma eralini yaleli qembu e-Eastern Cape e-East London umholi weDA uMnu uJohn Steenhuizen uthe abagudluki kulokho abakushoyo ngefulegi ngoba yonke into iyavutha ezweni. Ubekhuluma nezinkulungwane zabalandeli baleli qembu emkhankasweni wokhetho. Uthe abakushoyo ukuthi amabhizinisi kaHulumeni ayavutha, imisebenzi iyaphela okusho ukuvutha, ubugebengu budla lubi nalokho kukhombisa ukungqongqa kwezwe. Wesekelwe nguNkk uHelen Zille othe isithombe abasivezayo ukuthi konke lokhu abantu abakhala ngakho kuyizifiso okumele engabe ziyenzeka, kodwa ezigcina ziyiphupho ngaphansi kobuholi be-ANC ngoba yonke into iyavutha.

See Also

Isikhangiso seDA sithi, “This elections is about survival. Your vote can stop a corrupt coalition between ANC, the violent EFF and the Zuma faction” Lo mbhalo uhumusheka ngokuthi, lolu khetho luzohlukanisa inhloo nesixhathi. Yivoti lakho elingamisa ukusebenzisana okunenkohlakalo phakathi kukaKhongolose, i-Economic Freedom Fighters egcwele inkohlakalo kanye netsunami kaZuma.

IDA nabayesekayo bathi akukho okuyiphutha abakwenzile ngesikhangiso sefulegi ngoba babeka isithombe izwe elikuso njengokuntenga komnotho, isibalo esikhulu sabantu abangasebenzi, ukunqamuka kukagesi, amanzi nobugebengu obudla lubi. IDA izithethelela ngokuthi isikhangiso sabo siveza ukuthi izwe liyasha abantu besonge izandla. 

Scroll To Top