IDemocratic Alliance noPappas kungqingetshe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
I-DA kuyomela ibuke zonke izimo, ingabukeli imanje kepha nekusasa osekuseduze lifike
Kuke kwanesikhathi lapho zonke izinkundla zokuxhumana kanye nabezindaba bebekhuluma ngaye. Naye ngaleso sikhathi akazibekanga phansi, wasebenzisa igagasi labezindaba nezokuxhumana ukuzethula kupolitiki yakuleli nakubavoti. Loyo ngumholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu uChristopher “Chris” John Pappas. Lo mholi oyiMeya yaseMngeni ubephakanyiswe yiqembu lakhe njengozoba nguNdunankulu KwaZulu-Natal. Sekungumlando ekutheni ukhale ngaphansi, yena neqembu lakhe.
Njengoba amaqembu esathengana nje uPappas neDA kumele bathathe isinqumo nokuyisinqumo esinganomthelela omuhle nomubi. Lesi yisinqumo sokuthi uPappas ugcina ngaphi, uzohlala ekubeni yiMeya yomkhandlu owodwa KwaZulu-Natal oholwa yiDA noma uzoya eSishayamthetho, mhlawumbe abe nguMphathiswa uma kuyikuthi iDA iba nobudlelwane bokubambisana namanye amaqembu.
Lesi noma ngabe sithini yisinqumo esinzima. ISishayamthetho sikhulu kunoMngeni. Njengoba sisikhulu nje uPappas odumile ngakubo angahle acwile. Lokhu kucwila esikhathini esifushane kube nokhetho lwezindawo lungahle lushaye kakhulu iDA. Isimo esinjena sike senzeka komunye wabaholi beDA uMnu uMncwango owabe enamandla amangalisayo njengekhansela eMkhandlwini iTheku okwathi uma esuswa eyomela leli qembu eSishayamthetho kwavuleka esikhulu isikhala kuleli qembu eThekwini. Namuhla uMncwango osebuyele ukuba yikhansela ngaphansi kwelinye iqembu wenza unsebenzi oncomekayo.
Ukuya kukaPappas eSishayamthetho kungahle kuphoqe izingunqukho abanye abathi kazinasidingo. I-DA inaye umholi wesifundazwe nobeyihola eSishayamthetho, uMnu uFrancois Rodgers. Ukufika kukaPappas kungahle kwenze kube nezinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa. Futhi kungahle kumphinde uPappas neDA okwenzeka ngesikhathi sikaMncwango.
Abukho ubufakazi ekutheni uma uPappas ehamba eMngeni ozomlandela uzoba nogazi njengaye. Ngenxa yalokhu abeDA kuyomela babuke zonke izimo, bangabukeli imanje kepha nekusasa osekuseduze lifike njengoba kusazovotelwa oHulumeni Bendawo.