IFF Plus ingene kuHulumeni Wobumbano


Ngaphambi kokumenyezelwa kweKhabhinethi ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano iFreedom Front Plus isibe ngelinye lamaqembu asezibophezele ngokuba yingxenye yalo hulumeni.
Ukungena kwayo kubeka isibalo samaqembu asengene ngaphansi kukaHulumeni Wokubambisana afinyelela kwayisikhombisa okuyi-ANC, iDemocratic Alliance, i-Inkatha Freedom Party, iPatriotic Alliance, iGOOD, iPAC. Izinkomba zokuthi iFF Plus izoba yingxenye yalo hulumeni ziqale ukubonakala ngesikhathi leli qembu leseka ukuqokwa kukaNdunankulu oqhamuka ku-ANC esifundazweni iNorthern Cape kuleli sonto.
Emuva kokhetho i-ANC yahluleka ukuthola amavoti anele ukuba ibuse ngokuzimela kulesifundazweni. Phakathi kombandela obekwe iFF Plus eNorthern Cape ukuthi kungaphazanyisa ukuzimela kwe-Orania. Okhulumela leli qembu umnu uBasson uthe isinqumo sokungena kuhulumeni basithathe emuva kokucubungula okuningi.
“Sizolandela zonke izinhlelo ezibekiwe kodwa okuningi ngokuba kwethu kulo hulumeni kuzolawulwa ukuthi izingxoxo zokubonisana zingeni likazwelonke zizohamba kanjani. Kuzoncika ekutheni umphumela wezingxoxo uthini,” kucacisa uBasson. Leli qembu lizobambisana nePAC kulo hulumeni okungamaqembu anezinkolelo ezihlukene odabeni lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Kulokho uBasson uthe lonke iqembu lingene kulo hulumeni nenqubomgomo yalo, kodwa izingxoxo zeNational Dialogue okubhekeke ukuba ziqale kungekudala yizo futhi ezizosilawula.
Esitatimendeni sayizolo kusihlwa leli qembu lithe lingena kulo hulumeni ngoba lefuna ukwelulsa ukusebenza kukahulumeni. Lithe uma livela ithuba lokuthatha isikhundla kuhulumeni lizosamukela kodwa ngaphambi kwalokho lizoqala ngokuya ezinhlakeni zayo liyozwa uvo lwalabo abalivotele.