I-IFP hleze ihlomule ngesikaNdunankulu KwaZulu-Natal
Zisezingeni eliphezulu izingxoxo zokuphothula isivumelwano sokusungulwa kukaHulumeni Wamaqembu Abumbene KwaZulu-Natal ozoholwa i-Inkatha Freedom Party (IFP).
Izingxoxo eziqale ngoMsombuluko phakathi kwabamele iDemocratic Alliance, i-ANC, i-IFP neNational Freedom Party ziphethe ngokuthi kusungulwe uHulumeni ngaphandle koMkhonto Wesizwe ne-Economic Freedom Fighters abanezihlalo ezingama-39 uma behlangene.
Ukuvela kokuthi i-ANC angeke ihole lesi sifundazwe kuqale ukucaca ngempelasonto ngesikhathi leli qembu lenza inhlolokhono yabazongenela esikaNdunankulu ezifundazweni ezahlukene ngaphandle kweWestern Cape neKwaZulu-Natal.
Umthombo welaboHlanga okwelinye lamaqembu azohola uHulumeni uthe izingxoxo ezingeni lesifundazwe bezilawulwa kakhulu izingxoxo ezingeni likazwelonke eziholwa i-ANC neDA njengamaqembu anezihlalo eziningi ePhalamende.
KuHulumeni waKwaZulu-Natal iqembu ebelizocacisa ngokuthi leseka luphi uhlangothi phakathi koMkhonto Wesizwe ne-ANC, iNational Freedom Party ethole izihlalo ezimbili kulesi Sishayamthetho esinezihlalo ezingama-80. Isinqumo seNFP sokuya ngalapho kune-ANC khona besilindelekile njengoba leli qembu kuyilo elibambisene noKhongolose ekubuseni kuMasipala eThekwini. Isekela leMeya kulo Masipala liqhamuka kuNFP emuva kokuxoshwa kukaMnu uPhilani Mavundla we-Abantu Batho Congress (ABC).
Ukuhlangana kwala maqembu KwaZulu-Natal kusho ukuthi iningi lalabo abebengabaphathiswa ngaphansi kwe-ANC bazokhala ngaphansi ukuze kuphendlelwe izikhundla esigungwini esiphezulu abe-IFP, iDA, neNFP. Uma kuya ngalolu hlelo uMnu uChris Pappas iDA ebifolosa ngaye kwesikaNdunankulu maningi amathuba okuthi agixabezwe ngokuhola umnyango kulo hulumeni. UMnu u-Irvin Barnes onguMengameli weNational Freedom Party ungomunye wababhekiwe ukuba abongwe ngesikhundla sokuhola umnyango kanjalo ne-IFP.
UMnu uThami Ntuli oyiMeya kuMasipala weSifunda iKing Cetshwayo i-IFP ebifolosa ngaye kwesikaNdunankulu igama lakhe liphambili ekubeni uNdunankulu wesifundazwe. UMnu uSboniso Duma we-ANC onguSihlalo waleli qembu esifundazweni nokubhekwe ukuba athathe esikaNdunankulu uma benqoba kubhekwe ukuba abuyele esigungwini esiphezulu kuhulumeni omusha yize ebukeka emancane amathuba okuqhubeka kwesokuba nguMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komnotho Nokuvakasha.
Uma kuya njengokuqagula, i-IFP izobe isikhuza ibuya ekuphatheni isifundazwe njengoba emuva kokhetho lokuqala lowe-1994 yiyona eyanqoba esifundazweni kwaqokwa uDkt uFrank Mdlalose kwesikaNdunankulu. Ngokhetho lowe-1999 leli qembu laphinda labuyela emandleni esikaNdunankulu sanikwa uDkt uBen Ngubane. I-IFP neDA bekuyibo abebephambili kumfelandawonye wamaqembu abenezinhloso zokwehlisa i-ANC ibe ngaphansi kwamaphesenti angama-50 kuzwelonke. Izindaba zokuthi uma lo mfelandawonye uphumelela ekuqumbeni phansi uKhongolose uMnu uVelenkosini Hlabisa ubezoba ngubuso bawo ePhalamende ngesikhundla esiphezulu kuHulumeni. UMkhonto Wesizwe ne-Economic Freedom Fighters bazoba ngamaqembu aphikisayo.