Ngabe i-ANC inikela ngobuzibulo bayo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iqembu i-African National Congress (ANC) ingelidala kunawo onke ayelwela inkululeko e-Afrika. Kulo kule minyaka engaphezu kwekhulu kuqhamuke abaholi abehlukene kusuka kwabesilisa, abesifazane ngisho nentsha imbala. Amava abaholi bawo enze leli lizwe langabalwa njengalawo ase-Afrika okuthe angathola uzimele geqe bese kuba nempi yomkhaya. Kunalokho ubuholi be-ANC bungatuswa ngokukwazi ngaphansi kwenzimo ezinzima kwashayela inqola kwaze kwaba iqembu leli liphelelwa ngamandla emuva kweminyaka engama-30.
Namuhla leli qembu lomzabalazo waboHlanga libukeka lingahle lilahlekelwe wubukhosana balo njengoba lineshulwa ngapha nangapha. Okokuqala ngqa emlandweni walo lihlehlise ukumemezela kweKhambhinethi hhayi ngenxa yezinkinga zangaphakathi kepha ngenxa yelinye iqembu. UMengameli we-ANC uRamaphosa usolwa ngabanye ngaphakathi eqenjini ukuthi ‘akakhathali’ babodwa abathi uphelelwe ngamaqhinga njengoba esephisana ngeqembu kuDemocratic Allinace (DA). Omunye umholi we-ANC okhulume nelaboHlanga wanxusa ukungadalulwa uthe bafa nje nguRamaphosa.
“UMengameli usenikezele ngathi. Akezi emhlanganweni lapho sidelelwa yilaba belungu kepha ufika sekwedlule esenemithetho enzima. Le nto ayikho udlala ngathi lo baba,” kusho lo mholi. Abanye abakhulueme nelaboHlanga bathi ukhwantalala seluyaqapheleka kuRamaphosa njengoba injolozela ikuye. Kumele akwazi ukuhlinzekela onke amaqembu avume ukuba yingxenye kaHulumeni Wobumbano.”
Emalungwini kaKhongolose lesi yisikhathi esinzima njengoba abanye bawo bengazi ukuthi baphendule bathini kubantu abasola iqembu nomengameli. Empeleni amalungu nabaholi babukeka behlukene phakathi kuloludaba. Nezinkundla zokuxhumana ngazibayekile ngoma umzuzu nomzuzu kuqhamuka inguzunga yegama enuka uKhongolose noRamaphosa ngoku‘thengisa’.
Yonke le ngcindezi kayidali nje ukhwantalala kubaholi namalungu kepha ivusa umbuzo kwabanye onokwesaba ekutheni engabe ekungcineni uKhongolose olizibulo lomzabalazo waboHlanga kulokhu ngesikhathi sikaRamaphosa uzobulanhla yini ubuzibule bakhe akunikezele kwabanye.