UZille ukhumbuze i-ANC ngokuthi ingalibali ukuthi iyizesheli


Ngesikhathi abantu baseNingizimu Afrika bemagange ngokwazi ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uyaba kanjani ngezithebe iKhabhinethi yakhe kuHulumeni Wokubambisana, uya ngokushuba nombango wokungaboni ngasolinye ngezikhundla ezimqoka emaqenjini aphambili kulo Hulumeni.
Ngokwemibiko engaqinisekisiwe izolo kusihlwa bekubhekeke ukuba uRamaphosa alimemezele iKhabhinethi lakhe kodwa kwaphoqeleka ukuba akuhoxise ngomzuzu wokugcina emuva kokuba iDemocratic Alliance ikhumbuze i-ANC ngokuthi ingakulibali ukuthi yiyo eneqhaza elimqoka kulo Hulumeni Wokubambisana. IDA iphinde yakhumbuza uKhongolose ukuthi ungakulibali ukuthi ayiziyelanga kuyona ukuze ibe yingxenye kaHulumeni, kodwa yamukela isicelo esabe sithunyelwe nguye uRamaphosa.
USihlalo weFederal Council kuDA uNkk uHelen Zille ubengaqali ukupheka ngebhodwe elincane i-ANC njengoba nangeledlule engxoxweni neSABC watshela i-ANC ukuthi ayikwazi ukuzithathela izinqumo ekwamukeleni amaqembu angena kulo Hulumeni ngaphandle kokubonisana nayo.
Esitatimendeni asikhiphe izolo uthe, “IDemocratic Alliance ilona iqembu okumele kwaziwe ukuthi lihamba phambili kulo Hulumeni futhi yilo elinamava okuyisa phambili leli lizwe nokufeza izidingo zabantu baseNingizimu Afrika,” Uphinde wakhumbuza i-ANC ukuba ingakhohlwa ukuthi akuyiyo eyazicelela ukuba kulo Hulumeni kodwa yashelwa i-ANC. Ukungaboni ngasoinye kwe-ANC neDA ngezikhundla zikaHulumeni kucace nangesikhathi kumiswa ngomzuzu wokugcina ukumenyezelwa kweKhabhinethi yaseGauteng ekubeni uNdunankulu uMnu uPanyaza Lesufi bese ekhiphe isitatimende ethi iKhabhinethi izomenyezelwa ngaphambi kokushona kwelanga izolo ngeSonto.
Ngaphandle kokungaboni ngasolinye ngezikhundla, iDA kuthiwa ayeneme ngokuthi i-ANC ivumela ukufungiswa kukaMnu uZizi Kodwa njengelungu lePhalamende ekubeni ebhekene namacala enkohlakalo. UKodwa washiya ePhalamende nasesikhundleni sokuba uNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko emuva kokuboshwa iSpecial Investigative Unit. Akhona namanye amalungu ePhalamende iDA enganeme ngawo njengoMelusi Gigaba uDavid Mahlobo, uFaith Muthambi. Khonamanjalo ngempelasonto kube nezinguquko kuHulumeni Wobumbano ngesikhathi i-United Democratic Movement kaJenene uBantu Holomisa ne-Al Jamma bezihlanganisa nalo Hulumeni.
Lokhu sekwenze amaqembu angaphansi kukaHulumeni aba lishumi kwali-18 asePhalamende. I-African Transformation Movement (ATM) sekuyilona iqembu eliphambili emaqenjini angaphandle kukaHulumeni wokubambisana abizwa ngeProgressive Caucus. Okhulumela i-ATM kuzwelonke uZama Mtshana uthe ukuhlamukwa ngamaqembu abebeqale nawo iProgressive Caucus angeke kubaphazamise nakancane ngoba bayiqembu elinamandla futhi kwasekuqaleni babengaphikisana nokusungulwa kukaHulumeni Wokubambisana. Uthe i-ATM izibonakalisile njengeqembu elinamandla namava kule minyaka emihlanu lisePhalamende yize linezihlalo ezimbili vo.
“Sakwazi ukuphakamisa udaba lwePhala Phala ePhalamende lavotelwa amalungu ali-154 yize sinezihlalo ezimbili sakhobisa ukuthi singaba yizwi labantu kungakhathalekile ukuthi siyiqembu elimeleleke kangakanani ePhalamende,” kusho uMtshana. Uthe bazoqhubeka nokuba yiqembu eliphikisayo ePhalamende angeke baphele amandla ngokuhamba kwamaqembu anjenge-UDM.
Ephawula ngezinselelo ezidinga ukuba kubhekwane nazo zisuka nje kuHulumeni omusha UNkk uZakina Vardi onguMqondisi wenhlangano iDefend our Democracy uthe lo Hulumeni udinga ukugxila ezintweni eziphezulu ezibeka izwe engcupheni njengenkohlakalo, ukuntuleka kwemisebenzi nokulwa nobugebengu ungakwazi ukusebenza.
“Labo abazongena ezikhundleni zoNgqongqoshe kumele kube ngabantu abangenalo iphunga lenkohlakalo futhi abanolwazi olusekelwe imfundo ngeminyango abazoyiphatha. Izinhlangano ezimele umphakathi zineqhaza elikhulu okumele zilibambe kuHulumeni Wobumbano ngokwelusa ukusebenza kongqongqoshe nokulekelela lapho ungakwazi khona. Uma kukhona lapho ongqongqoshe bengenzi khona kahle kumele bakulindele ukugxekwa okwakhayo,” kuphetha yena.
UMhlaziyi wezepolitiki uTumi Senokwane uthe njengoba amaqembu eya ngokwanda azihlanganisa noHulumeni Wobumbano baningi nababheke ukuthola izikhundla ezithile. Uthe ngesikhathi kuqala amaqembu esemathathu kuphela eqhulwini okuyi-ANC, iDA ne-IFP bekulula ukuthi angabelana izikhundla kodwa manje uphawini uya ngokuncipha. Uthe lokhu kungaba nomthelela ekubambezelekeni kokumenyezelwa kweKhabhinethi entsha. Uthe okwamanje akekho owaziyo ukuthi kubambephi yingakho yingakho lesi simo sesikapakela nasezimakethe okucace ngokwehlelwa amandla kweRandi uma liqhathaniswa nemali yakwamanye amazwe.