Olomhlaba lusephambili kuPAC yize isishaye ingwijikhwebu
IPan Africanist Congress of Azania (PAC) ithi isamile ekutheni umhlaba kumele ubuyele kubanikazi bawo yize isiyingxenye kahulumeni Wobumbano.
Leli qembu elinesihlalo esisodwa ePhalamende likholelwa ukuthi ukuze likwazi ukuba nezwi elizwakalayo ezweni nokuqhakambisa izizathu zalo zokubuyiselwa komhlaba, bekumqoka ukuba bangene kulo hulumeni oholwa i-ANC.
UNobhala Jikelele wePAC u-Apa Pooe uthe angeke bashintshe kulokhu abakholelwa kukona njengeqembu ngoba kuhulumeni wobumbano wonke amaqembu abeka izimvo zawo.
“Akukho okusivimbayo ukuba sikhulume ngokubuyiswa komhlaba yize sesikuhulumeni ngoba isinyathelo esasithatha kudala leso,” kusho uPooe.
Uveze ukuthi basazoqhubeka nokusebenzisana namaqembu amancane azibiza ngeProgressive Coalition.
NgeSonto eledlule iPAC isiphambili kulolu hlaka ibhodla umlilo ngokuthi ayikwazi ukuvumela ukuba yizimpelesi emshadweni we-ANC neDA.