Isikhundla sikaSomlomo sesiyikhaya lembokodo
Isikhundla sikaSomlomo wePhalamende kulokhu kuseyiso okusagiywa kuso imbokodo. USomlomo wokuqala emuva kokhetho lowe-1994 kwaba ngumufi uNkk uFrene Ginwala. Nguye owaba ivulandlela lembokodo kulesikhundla esimqoka kulesakhiwo.
Nakulokhu lesikhundla siwele ezandleni zowesifazane emuva kokuvota kwamalungu ePhalamende okuthathe ihora. Izibalo zivune uNkk uDidiza. Ubebanga noNkk uVeronica Mentor we-Economic Freedom Fighters igama lakhe eliphakanyiswe uhlangothi lweProgressive Caucus.
IDA eyingxenye yoHulumeni Wobumbano ayizange ikufihle ukuthi amalungu ayo azokweseka i-ANC esikhundleni sikaSomlomo nesikaMengameli okuzoba uCyril Ramaphosa. Phambilini uSomlomo bekunguMapisa-Nqakula ongaliqedanga ihlandla lakhe emuva kokuboshwa ngamacala enkohlakalo. UMapisa-Nqakula wangena endaweni kaNkk uThandi Modise.
Ngaphambi kwalokho uSomlomo kwakungu Nkk uBaleka Mbete ngaphansi kukaMengameli uJacob Zuma. Owesilisa oseke waphatha lesikhundla uMnu uMax Sisulu.
Ngesikhathi amalungu eseqedile ukuvota INhloko Yabehluleli uRaymond Zondo iyalele ukuba amavoti azobalwa esithe lapho kuzoba ngabagunyaziwe kuphela ukungena khona. Kube uyinyathele emsileno ku-EFF ethe lokho kuphambene nomthetho. Sekukhishwa imiphumela amavoti ali- kube. UDidiza uthole amavoti angama-284 uMente wathola angama-49.