IDA izongena kuKhabhinethi yaKwaZulu-Natal neyakuzwelonke: Steenhuizen
Ukukhala kwamadlelandawonye e-ANC okuyiCosatu, iSACP, iSanco ngokulaxazwa kuhle kwenyongo yenyathi ekuthathweni kwezinqumo ezinqala ngokusebenzisana kwaleli qembu neDemocratic Alliance sekufane nokukhalela ubisi oseluchithekile.
UMholi weDA uMnu uJohn Steenhuizen uthe izivumelwano zokusebenzisana ne-ANC kuHulumeni Wobambiswano Kazwelonke seluphothuliwe osekusele ukuba kusetshenzwe. “Izwi leDA selizoqala ukuzwakala kuzona zonke izigaba zikaHulumeni lapho leli qembu lizobamba iqhaza kuKhabhinethi, hhayi nje kuphela kuzwelonke kodwa nasezifundazweni njengaseWestern Cape, iNorthernt Cape naKwaZulu-Natal,” kusho uSteenhuizen.
Uthe isikhathi sokukhombana ngeminwe sesiphelile, futhi uyakuqonda ukuthi lena angeke kube yindlela elula kodwa kulabo abafuna uHulumeni onozinzo kumele babeseke.
Uveze ukuthi uhlelo lwezivumelwano beluhlukaniswe kabili ngenxa yesikhathi, wathi olwezikhundla luzodingidwa kamuva okusemqoka manje ukweseka ukubuyiswa kukaMengameli uCyril Ramaphosa kwesikaMengameli noSomlomo WePhalamende uNkk uThoko Didiza.