Kwale ukwenza kumfo kaLesufi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulezi zinyanga ezedlule igama likaNdunankulu uMnu u-Andrek “Panyaza” Lesufi. Lo mholi kuningi obekumenza abe ngundabamlonyeni kwipolitiki yangaphakathi nangaphandle kuKhongolose.
Uqale ukuduma esenguMphathiswa Wezemfundo eGauteng kusuka ngoNhlaba wezi-2014 kwaze kwaba nguMfumfu wezi-2022, nayilapho abe bonakala njengesishabasheki sezemfundo njengoba bekusavele inkinga kuzwakale iziwi lakhe. Uke waqokelwa kwesokuba nguMphathiswa Wezezimali nokho emuva kokukhononda kwabantu wabuyiselwa kwezemfundo.
Ngesikhathi eqokelwa kwesokuba nguNdunankulu kube nenhlokomo ekuthini uzofaka umfutho kuleli hovisi nokuyinto ayenze ngempumelelelo. Ekulesi sikhundla uqhamuke nezinhlelo eziningana nezenze igama lakhe laphakama. Olunye lwalezi zinhlelo ngelibizwa ‘Nasi isipani neselisabalele nakwezinye izigxenye zezwe njengenkundla etholela abantu abehlukene amathuba emisebenzi.
Nokho okumphakamise kakhulu umfo kaLesufe kube ngikwethulwa kwebutho labaqapha ubugebengu neselethiwa elokuthi ‘ngamapanyaza’ . Yize leli butho kukhona abebelisola kepha iningi lituse ubukhona balo njengoba lingalungisi nje okuphatheleni nobugebengu kepha lidale namathuba emisebenzi.
Kagcinanga lapho njengoba ebe sekhaleni lokuba kuqedwe ngohlelo lwe E-toll. Lolu hlelo lugcine lupheli ezinyangeni nje ezimbalwa kuyiwe okhethweni. Uqhubekile wangenela udaba lukagesi emalokishini aseGoli nalapho avele njengomalamulela. Kulabo abamesekayo ngisho neqembu lakhe imbala bekunethemba lokuthi konke lokhu kuyoletha imiphumela emihle uma sekuvotwa, ekutheni imizamo yakhe yokulungise amanye amaphutha angawenzanga izokwenza abavoti bamkhumbule.
Sekungumlando ukuthi akubanga njalo njengoba iqembu lakhe i-ANC lingatholanga izibalo ezanele ukuba libuse. Kunalokho izibalo ziphoqa ukuba iqembu lakho liyoxoxa nabanye uma lifuna ukubusa. Lokhu okusho ukuthi uma kungavunyelwana uyobe esehla esikhundleni sobuNdunankulu.