Ngokukhula kwedemokhrasi ezweni isibalo samaqembu ezepolitii siya ngokwanda. Lesi simo siyamkhathaza umholi wePan Africanist Congress of Azania (PAC) uMnu uMzwanele Nyhontso.
Ngabe uMengameli we-ANC uzama ukuziveza njengomelene nenkohlakalo ebuholini bakhe noma kusewumkhankaso weqembu njengoba kuyiwa okhethweni.
I-ANC ifake enkantolo iKhomishini neMK lapho iphonsela inselelo uhlelo olwalandelwa ngesikhathi kubhaliswa leli qembu eliholwa ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma.
Izinkulumo ezivamile zokuthi ukhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba kophezulu luzofana nokhetho lokuqala olwaluvulelekile ngowe-1994 ziya ngokufakazeka njengoba umbango wamaqembu uya ngokushuba.
Emuva kokuqubuka komsindo phakathi kukaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho Nokuvakasha KwaZulu-Natal uMnu uSboniso Duma noNdunankulu kaZulu oyiMeya…...
OwayenguMengameli wezwe uThabo Mbeki usencome uMengameli waseSenegal, uMacky Sall ngokudedela ngoshwele umholi wamaqembu aphikisayo, u-Ousmane Sonko ngaphansi kukashwele wezepolitiki.
Abalandeli beqembu eliphikisayo esifundazweni iKwaZulu-Natal okuyi-Inkatha Freedom Party (IFP) baqhubekile nokwenzela leli qembu iqiniso.
Kule nyanga kuphela iminyaka engama-30 kwasungulwa iqembu lezepolitiki i-African Christian Democratic Party (ACDP), elasungulelwa phezu kwesisekelo senkolo nokubuyisa ubuntu esizweni.
Umyalezo weSILO uMisuzulu kaZwelithini.
Yize uHlabisa sekuphele iminyaka emihlanu aphatha njengomholi waleli qembu, kodwa ubuso boMntwana wakwaPhindangene yibo obuzosetshenzisa yileliqembu emikhankasweni yalo.
Isisho sesiZulu esithi, ‘isinamuva liyabukwa’ sivamise ukuzwakala lapho kusuke kunokuncintisana okukhulu ngento ethile. Sona isiZulu…...
UZuma uzobuya ePhalamende noma ungumelusi weqembu afuna likholise uKhongolose?
Ukukhuluma kwabantu bakwaZulu kuthi akuliwa phezu kOmdala (iNkosi). Nokho izindaba ezivela koMkhulu kanye nakuHulumeni sikhomba ukuthi sekunjalo - kulokhu ukungaboni ngaso linye kuphezu kweNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo, uMamonga WoSuthu.
Akekho ozuzile ngesiteleka sezisebenzi zikaMasipala iTheku ezingaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU), phakathi kwezisebenzi nomqashi.
Ukusula kowayenguNgqongqoshe Wamaphoyisa eqenjini elibusayo sekubalwa izinyanga kuyiwe okhethweni lukazwelonke kushiye imibuzo ngekusasa likaNobhala Jikelele…...
Ukuncipha kwalezi zilwane ngenxa yokuzingelwa ngokungemthetho kunomthelela ekwehleni kwezibalo zabavakashi eziqiwini okugcina kuholele ekupheleni kwemisebenzi.
INkantolo yeMantshi eThekwini igcwale kwavalwa ngomuntu kuvela abasolwa ngokusoconga intandokazi yomrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes…...
Ubonge Ongabonwayo umgadli weBanyana Banyana uJarmaine Seoposenwe ezifaka emabhukwini omlando eMbombela Stadium, eMpumalanga ngesikhathi elakuleli lishaya iTanzania ngeli-1/0 emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela.
Ezinyangeni ezintathu kusuka manje iNingizimu Afrika izobamba ingqophamlando yokhetho ngenxa yesibalo esikhulu sabantu ababhalisele ukuvota…...
Sesingene esontweni lesithathu isiteleka sabasebenzi eShaka Marine World, eThekwini kulandela ukuhluleka kwezingxoxo phakathi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) nomqashi okunguMasipala weTheku.
IBanyana Banyana isibekele umgomo wokujabulisa abalandeli uma isibhekene neTanzania emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka.
Ukunyuka kwezibalo zabangasebenzi nokwanda kwabaphonsa ithawula ekutheni bayophinde baqashwe empilweni kuvuse ukukhuluma okudala ngabokufika kuleli.
Emaqenjini nakubavoti abukho ubusuku obude njengobusuku bokubala
Uqede ukuqagula uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela usuku lokhetho lowezi-2024 lukazwelonke nolwezifundazwe.