Ngabe iSAMWU isigobe uphondo ngesiteleka eThekwini
Akekho ozuzile ngesiteleka sezisebenzi zikaMasipala iTheku ezingaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU), phakathi kwezisebenzi nomqashi.
Yize inyunyana ingazange ilimise ngesihloko ukuthi isiteleka siphelile, kodwa uNobhala wale nyunyana esifundeni iTheku uMnu uSiya Dladla, izolo ekuseni uthe izisebenzi ziyabika emadepho nasezindaweni zokusebenzela. Exinwa ngemibuzo uvumile ukuthi isiteleka siphelile yize ebede engafuni ukuma kulokho.
“Izisebenzi bezivele zibika emadepho nasezindaweni ezisebenzela kuzo nsuku zonke. Asisho ukuthi siyawuhlonipha umyalelo weNkantolo owakhishwa ngesonto eledlule owawuvimba ukuba izisebenzi ziqhubeke nesiteleka ngoba kuthiwa asikho emthethweni,” kusho uDladla.
Ukukhuluma kwakhe kwakhe isithombe sokuthi iSAMWU igobe uphonde ngezimfuno zayo emuva kokungenelela kukaHulumeni Wesifundazwe oholwa nguNdunankulu uNomusa MaDube Ncube.
Emuva kokuba uNdunankulu echaza lesi siteleka njengesigubuzelwe udlame nokwanda kwezenzo zobugebengu, kutshalwe abezokuphepha nxa zonke. NgoLwesibili kusihlwa bese kuboshwe abasebenzi abali-13 okubhekeke ukuba bavele eNkantolo YeMantshi eThekwini namuhla ekuseni. Laba ababoshiwe basolwa ngokugasela emahhovisi kaMasipala ku-Electron Road lapho besaphaze khona inhlabathi bashisa nezihlahla.
Babhekene namacala okungawuhloniphi umyalelo weNkantolo, ukucekela phansi ingqalasizinda nokucekela phansi impahla. UDladla uthe izikhalo zabo kuMasipala zindala kakhulu futhi iziphathimandla zeTheku ziyazi ngazo. Uveze ukuthi mhla zingama-21 kuMandulo wezi-2023 bahambisa incwadi yezikhalo kuMeya uMnu uMxolisi Kaunda kepha kwanhlanga zimuka nomoya.
Selokhu kuqale isiteleka iTheku livinjaniswe yiphunga ngenxa yokungaqoqwa kwemfucuza. Kwezinye izindawo amanzi bawezwa ngendaba ngenxa yokuthi izisebenzi zalolu phiko zalibeka ngembaba lokuthi zizowavala. Isiteleka siqala nje isimo besivele sishubile njengoba amanzi abengekho kusalungiswa ingqalasizinda yawo.
Isimo sishube kakhulu elokishini eNtuzuma lapho osekuphele amasonto ayisishiyagalombili amanzi engabonwa. Impilo inzima kuNkk uNombuyiselo Blose oneminyaka engama-80 nomyeni wakhe onama-83 abathi selokhu kwahamba amanzi bayaphoqeleka ukuthi bawathenge ngemali yabo yempesheni. “Ngisho nasendlini isimo senhlanzeko sesisibi ngoba siyaphoqeleka ukuthi singalishayi njalo ithoyilethi ukuze songe amanzi. Njengoba sesibadala nje asisakwazi ukuzenzela zonke izinto, ngisho nokuxubha kumele ubheke ukuthi usebenzisa inkeshezana yamanzi ukuze ukwazi ukuphinde uwasebenzise,” kuchaza uNkk uBlose. Inkinga yokungabibikho kwamanzi isazoqhubeka eThekwini njengoba kulinyazwe nengqalasizinda ngesikhathi sesiteleka.
Izisebenzi zifuna ukunyuselwa amaholo kufinyelele ku-Catergory 10 njengozakwabo bakwezinye izifundazwe emadolobheni amakhulu.
USihlalo wakwaSouth African Local Government Association (Salga) KwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli esitatimendeni sangasekuqaleni kwesonto uthe izisebenzi zaseThekwini zithole ulwazi olungeyilo ngendlela okunyuswa ngayo amaholo kwabanye omasipala njengase-Ekurhuleni. Uthe kuze kube yimanje uMasipala awukalusebenzisi uhlaka olusha. Namuhla kulindeleke ukuthi iqhubeke eminye imihlangano njengoba iningi lezisebenzi lizobuyela emsebenzini emadepho kaMasipala.