Now Reading
Ayikho egoba uphondo ezisebenzini nomqashi eShaka Marine
Dark Light

Ayikho egoba uphondo ezisebenzini nomqashi eShaka Marine

Sesingene esontweni lesithathu isiteleka sabasebenzi eShaka Marine World, eThekwini kulandela ukuhluleka kwezingxoxo phakathi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) nomqashi okunguMasipala weTheku.

Selokhu abasebenzi beshiye phansi bangena emgwaqeni le paki okuyiyo kuphela esele nehanjelwa kakhulu nayizivakashi zakwamanye amazwe ivaliwe. Izolo ngoMsombuluko abaholi benyunyana yezisebenzi babambe umhlangano obuvalelekile neziphathimandla zeTheku eCity Hall. 

ElaboHlanga lithole ukuthi izinyunyana azihlehli kulokho okufunwa yizisebenI kumqashi okugcine kuholela ekutheni izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe. Umsebenzi osophikweni lwezimali kulesi sikhungo ocele ukungadalulwa ukuvikela umsebenzi wakhe uthe sesiside isikhathi begwinye itshe ngokuhlukumezeka abakukho eShaka Marine. Uthe inyunyana iye ezingxoxweni zayizolo nomqashi iziqonda kahle izinselelo zezisebenzi,  futhi itsheliwe ukuthi ingagudluki ezimfunweni zazo. Phakathi kwezikhalo ezikhona ngesokuthi  izisebenzi zikhala ngokushaywa indiva uma sekuziwa ekunyuselweni amaholo okuyinto ezithi isiqhubeke isikhathi eside. 

Engxoxweni uNobhala weSamwu uMnu  uXolani Dube waveza ukuthi bazithola bekulesi simo nje kusukela esinqumweni sabaphathi beShaka Marine abanxusa inkampani yabacwaningimabhuku iDeloitte ukuba yenze uphenyo nezincomo ngezigaba zabasebenzi ezikhundleni abakuzo. 

UDube wathi  ngesikhathi ucwaningo seluphothuliwe, izincomo zenziwa zase ziyaqala ukusebenza. “Kwavela ukuthi abantu abahlomulayo ngokunyuselwa kumagrade amakhulu kwaba ngabasezikhundleni eziphezulu, labo abasesigabeni esiphansi banganikwa lutho.”

See Also

Ngokusho kwakhe udaba lwaze lwadluliselwa kwaCCMA nakhona isixazululo sangatholakala njengoba bagcina ngokuthi bangene emgwaqeni. Selokhu kuqale isiteleka sekuphazamiseke nokusebenza ezitolo ezizimele ezingaphakathi kulesi sikhungo ezihlomula kakhulu ngabantu abasuke bezongcebeleka kuso. Izitolo zokudla okusheshayo ezivame ukuqala phakathi kwamabili ngezimpelasonto yizo ezishayeke kakhulu.

Okunye okwavezwa abasebenzi kuleli phephandaba ukuthi iShaka Marine isiphenduke indawo yokucebisana kwamaComrade KwaZulu-Natal ngenxa yokugixabezana ngezikhundla ekubeni izisebenzi emazingeni aphansi zidonsa kanzima. Ngesikhathi sokuloba lapha bekulindeleke ukuthi iSamwu yethulele abasebenzi umbiko ogcwele ngezingxoxo zayizolo nomqashi.

Scroll To Top