Now Reading
Bekuvalwe ngomuntu kuvela abasolwa ngokubulala u-AKA
Dark Light

Bekuvalwe ngomuntu kuvela abasolwa ngokubulala u-AKA

INkantolo yeMantshi eThekwini igcwale kwavalwa ngomuntu kuvela abasolwa ngokusoconga intandokazi yomrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane emgwaqeni uFlorida eThekwini ngonyaka odlule. Abasolwa okungu Lindokuhle Thabani Mkhwanazi, 30, uLindani Ndimande30,  u-Eddie Myeza 22, uMziwethemba Harvey Gwabeni 36,  noLindokuhle Ndimand 29 babhekene namacala alishumi. 

Kukhona elokubulala, elokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Ngaphambi kokuqala kwecala inkantolo bese ivele isigcwele phama okudingeke ukuthi amaphoyisa enze uhlelo lokuvumela abezindaba kuqala ukuba bangene, iningi lomphakathi lasala ngaphandle.

Akubanga isikhathi eside iMantshi yangena enkantolo kwafundwa uhlu lwamacala kwaqsekiswa nokuthi bamelelekile. Uyise ka AKA ubengaphakathi enkantolo ekanye noNgqonqshe Wamaphoyisa uBheki Cele. Abanye abasolwa ababili baboshwe kwelikaMswati ngempelasonto lapho bebecashe khona.Icala lizobuyela enkantolo mhla zi-6 kuNdasa lapho bezobe sebekanye nalaba ababoshwe Eswatini.

Scroll To Top