Usuku lokuklomelisa nelokujezisa amaqembu uselugagulile uMengameli
Uqede ukuqagula uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela usuku lokhetho lowezi-2024 lukazwelonke nolwezifundazwe. Ukhetho luzobanjwa zingama-29 kuNhlaba wezi-2024. Lesi simemezelo uRamaphosa usenze ngokulandela iSigaba 49(2) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika neSigaba 17 soMthetho Wokhetho. Ngokulandela iSigaba 17(2) soMthetho Wokhetho we-1998, uMengameli uxhumane nabeKhomishini Yokhetho ngosuku okumele kuvotwe ngalo ezweni. Ngaphezu kwalokho uMengameli uRamaphosa uphinde wabiza umhlangano wabo bonke oNdunankulu bezifundazwe ezi-9 ezweni ebabikela ngesimo sezwe.
Lo mhlangano ububanjwe ngeledlule ngaphambi kwenkulumongqangu yesizwe ayethulile. Isitatimende esiphuma eHhovisi likaMengameli uRamaphosa sithe ukhetho lwalo nyaka luqondaniswe nemigubho yeminyaka engama-30 izwe lathola inkululeko kulandela ukhetho lowe-1994. “Ngaphezu kokugcwalisa ukuzibophezela kuMthethosisekelo wezwe, lolu khetho oluzayo luyingxenye yokubhiyozela uhambo lwenkululeko yezwe nokubhueka phambili kulokho esikubabele. Nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise ilungelo labo lenkululeko bavote”.
Kwakubhekwe ukuthi uMengameli uRamaphosa enze isimemezelo ngokhetho ngesikhathi ethula inkulumongqangi yesizwe. Ekhuluma eThekwini uMnu uPaul Mashatile wakuveza ukuthi ukhetho luzobanjwa ngoNhlaba kepha wangaludalula usuku.