Nangale kukaShenge iNdlovu isaya phambili
Ngaphambi kombuthano we-Inkatha Freedom Party (IFP) wokwethulwa kwezethembiso zokhetho enkundleni iMoses Mabhida Stadium bekunokukhuluma ngokuthi leli qembu lizokwazi yini ukuphuma ngobuningi ligcwalise phama le nkundla njengoba bekuzoba ngokokuqala libamba umbuthano omkhulu selokhu kwadlula owayengumholi walo iNkosi uMangosuthu Buthelezi. Selokhu kwadlula lo mholi umyalezo we-IFP kubalandeli bayo nakubavoti ezweni uthi, enzani egameni likaShenge. Yize uHlabisa sekuphele iminyaka emihlanu aphatha njengomholi waleli qembu, kodwa ubuso boMntwana wakwaPhindangene yibo obuzosetshenzisa yileliqembu emikhankasweni yalo.
NangeSonto abalandeli benze ngakhona bephuma ngobuningi ukuzolalela umholi wabo uMnu uVelenkosini Hlabisa. I-IFP iyiqembu lesithathu ukwethula umqulu wezethembiso zokhetho kule nkundla kulandela i-EFF ne-ANC. I-IFP ibheke kakhulu ukuphatha iKwaZulu-Natal nokuthola izihlalo eziningi kwezinye izifundazwe. I-IFP yethule amaphuzu ali-13 emqulwini wayo wezethembiso zokhetho okukhona kulo ukuqeda ukunqanyulwa kukagesi ngokusebenzisa izindlela zokuphucula amandla, ukuqeda ukungena kwabaphuma kwamanye amazwe ngokungemthetho, ukuphucula ezempilo, ukulungisa isimo sezenhlalakahle, ukuphucula ezemfundo, ukulondolozwa kokudla
Ekhuluma lapha uHlabisa uthe kulo nyaka babheke ukuphatha. Uthe amava aleli qembu ekuhanjisweni kwezidingo kubantu nokuphatha ngokwethembeka kwenza abantu babe nesizathu sokweseka leli qembu. Utshele izinkulungwane zabalandeli ukuthi ngokuvotela i-IFP bazobe bekhipha emandleni iqembu elenzele phansi izwe. “Iqembu elenze saba esigabeni sesithupha sokunqanyulwa kukagesi, elenze ukuthi kube nentsha engamaphsenti angama-41 engasebenzi, eseliphendule izwe laba ikwadlula wafa ngenxa yobugebengu, elibeka impilo yabesifazane nezingane engozini yodlame nokuhlukunyezwa ngokocansi okugcina ngokuthi ababhebhezeli balokhu bangathathelwa zinyathelo,”
Uhambe emazwini abaholi abaningi ngokuthi ukhetho lwalo nyaka lumqoka njengalolo lowe-1994 lapho iNingizimu Afrika yavota okokuqala. Leli qmbu uma lidla umhlanganiso okhethweni uhlabisa uthe bazoqeda amahostla, balekelele abafundi ngezinhlelo zokuthutha uma beya ezikoleni, baphucule izinhlelo zezempilo baphinde balungise ingqalasizinda esiphelelwe isikhathi. Unxuse abantu ukuthi babambisane ne-IFP.
Odabeni lokuthamba kwesandla emingceleni yakuleli okuholela ekungeneni kwezinkulungwane zabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho uHlabisa uthe i-IFP abangena kuleli ngokungemthetho baphula umthetho. “Sizotshala amasosha emingceleni yakuleli siqinisekise nokuthi asebenza ngokwethembeka,” Unxuse abantu ukuthi bavotele i-IFP ukuze ibuyele emandleni ilawule iKwaZulu-Natal. Uthe iNingizimu Afrika isengcupheni yokuwela engozini ngnxa yokuthi leli lizwe aliholwa ngobuqotho, linabaholi ababuthuntu futhi abagcwele inkohlakalo. “kulo nyaka wama-2024 zinkalo zonke eNingizimu Afrika abantu basho ngazwi linye ukuthi sekuyisikhathi soguquko. I-IFP isimi ngankomo ukuthatha izintambo uma inganikwa ithuba izophinda izibonakalise ngokuhola ngobuqotho abantu baseNingizimu Afrika”.
Esinye isethembiso esenziwe i-IFP esibonakala ingathola ngaso ukwesekwa ikakhulukazi entsheni esezikhungweni zemfundo ephakeme ukulungisa uhlelo lokuxhasa ngemali abafundi ngaphansi kwesikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). UHlabisa uthe banezinhlelo zokwethula usizo lwemali eyi-R3000 kulabo abaneziqu. Odabeni lokudalwa kwamathuba emisebenzi uthe uhulumeni we-IFP uzokwethula uhlelo oluzoqinisekisa ukuqashwa kwabantu bakuleli ezimbonini ikakhulukazi emisebenzini engawadingi kakhulu amakhono, kuthiphi kube ngabakuleli kuphela abangabanikazi bezitolo ezingama Spaza ezithe chithi saka emalokishini iningi lazo eziphethwe ngabokufika. Ngaphambi kwenkulumo kaHlabisa, indodana yoMntwana uMangosuthu uMntwansa uZuzifa uthe umndeni wakwaButhelezi uleseka ngokugcwele leli qembu okunanelwe ngenkulu inhlokomo.