UJarmaine akayicabangi eyomhlalaphansi emveni kweyikhulu kwelesizwe
Ubonge Ongabonwayo umgadli weBanyana Banyana uJarmaine Seoposenwe ezifaka emabhukwini omlando eMbombela Stadium, eMpumalanga ngesikhathi elakuleli lishaya iTanzania ngeli-1/0 emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance.
IBanyana idlulele emzuliswaneni wokugcina wemidlalo yokuhlunga kulandela ukuqumba phansi iTanzania ngo 4-0 sekuhlanganiswe umphumela womdlalo womlenze wokuqala nowesibili.
UJarmaine usebalwa nabadlali abayishumi asebeke bathola ingqayizivele yethuba lokudlala imidlalo eyikhulu eqenjini lesizwe.
Lo mgadli odabuka eKapa ubengumdlali weshumi ukuzifaka emabhukwini alo mlando.
“Kuhlale kuyintokozo nesibusiso ukumela izwe lami. Iqembu lesizwe liyathuthuka kule minyaka eyishumi nane ngidlala kulona. Wonke umuntu ubambe iqhaza empumelelweni yami neqembu lesizwe. Ngibe nezikhathi ezimnandi nezikhathi ezimbi. Ngifuna ukubonga uMdali ngokungenza ngihlale isikhathi eside kangaka eqenjini lesizwe. Kule minyaka eyishumi nane ngenze abangani ngaphinde ngakha umndeni nawo wonke umuntu engisebenze naye eqenjini lesizwe. Inhlangano eyangamele ibhola kuleli bayo ibenesandla ekuthuthukeni kwami,” kuchaza uJarmaine.
Kwelesizwe uJarmaine usedlale kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu kwelesizwe.
Uyibambe kuma-Olympic Games eRio de Janeiro, eBrazil ngowezi-2016. Uphinde wadlala eNdebeni yoMhlaba eFrance ngowezi-2019 eFrance nangowezi-2023 eNew Zealand.
“Ilukuluku lokwenza kahle nokulwela indawo yami kwelesizwe lisekhona. Kuyintokozo ukuba yingxenye yaleli qembu lesizwe elenze kahle. Iqembu lesizwe lidlondlobala ngendlela eyisimanga. Sinqobe i-Africa Cup of Nations yabesifazane saphinde safinyelela kuLast 16 yeNdebe yoMhlaba eNew Zealand. I Intuthuko iyabonakala kuleli qembu nalapho esibheke khona. Kuyasho ukuthu wonke umuntu usebenza kanzima. Ngiyajabula ngokuba yingxenye yaleli qembu. Kujabulisa ukuba nozakwethu abahlale bengigqugquzela. Sesiphenduke umndeni manje eqenjini lesizwe. Siyathandana futhi siyalwelana uma sisenkundleni. Ngicabanga ukuthi yingakho siphumelela,” kubeka le ntokazi.
IBanyana iyona engompetha be-Africa Cup of Nations kwabesifazane.
“Kuningi esisafuna ukukuzuza ndawonye. Angazi ukuthi sisalelwe yisikhathi esingakanani. Izinsuku zomhlalaphansi ziyasondela kodwa angicabangi ukuthi umqeqeshi ufuna ukungibona ngishenxa eqenjini lesizwe. Ngisanebanga engisafuna ukulihamba neqembu lesizwe,” kusho lo mdlali.
UThembi Kgatlana nguyena oshayele iBanyana igoli lokunqoba ngoLwesibili ebusuku eMbombela Stadium.
“ITanzania ibizihlalele emuva ilinde thina ukuthi size kuyona. Bebesivalele phakathi nenkundla okwenze sathola izikhala eziningi ngase zinhlangothini. Umqeqeshi unike inqwaba yabadlali abancane ithuba. Uzama ukuthi iqembu lethu likhule liphinde libe nabadlali abaningi elingathembela kubona emidlalweni ezayo ngokubanika ithuba emidlalweni yalolu hlobo. Lokhu kuthe ukuwuphazamisa umgqigqo wethu. Ekugcineni abadlali kumele banikwe amathuba okuzikhombisa kuleli zinga. Ufuna ukukhulisa uhla lwabadlali azokhetha kulona,” kulandisa uJarmaine.
IBanyana isizobhekana neNigeria emzuliswaneni wokugcina kweyokuhlungela.
“Umdlalo besiwuphethe. Yebo, kunezikhathi lapho umdlalo ubuyinhlakanhlaka. Sishaye elihle igoli kade kuyiFree Kick. Kuningi okusamele sisebenze kukona njengeqembu. Sizobhekana neNigeria okuyizwe elingelula neze. Sidlale nabo kaningana eminyakeni eyedlule. Sithole imiphumela emihle. Sonke sifuna ukuyodlala kuma-Olympic Games. Sekunesikhathi sigcine ukudlala kulo mqhudelwano ngoba asizange siphumelele ukudlala kwadlule. Sizowubuka umdlalo sibone ukuthi yikuphi lapho kumele sizame ukwenza khona kangcono.” kuvala uJarmaine.