Umhlaziyi ubona ukungabekezelelani kubaholi kungaqubula udlame
Emuva kokuqubuka komsindo phakathi kukaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho Nokuvakasha KwaZulu-Natal uMnu uSboniso Duma noNdunankulu kaZulu oyiMeya kuMasipala iZululand uMfu uThulasizwe Butheleziphambi komphakathi, amabutho nezicukuthwane uMengameli uCyril Ramaphosa uthe bazoxoxisana nobuholi be-IFP ukuzama ukuthola isixazululo kulokhu.
“I-IFP siyasebenzisana nayo kuhulumeni nasezindazweni”. Uthe i-IFP inobuholi obuqotho futhi banobuhlobo obuhle nayo.. Namanje sisengundabamlonyeni isiga sangoMgqibelo emcimbini wokukhumbula iSilo udinuzulu kaCetshwayo kwaCeza lapho eDuma ehlwithe khona umbhobho uButhelezi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.
UButhelezi ubephakathi nenkulumo lapho ebenxusa khona ubuholi bukahulumeni wesifundazwe ukuba bulandele ezinyathelweni zikaRamaphosa ngesibonelo sakhe ngokuhlonipha. “Omunye wabaholi abaphambili uMnu uBheki Mtolo” UButhelezi akabange esaligwinya uDuma wasukuma wamhlwitha umbhobho emsola ngokuthi usewonile umcimbi. Ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana uDuma uthi uyawona umcimbi weSilo sasoSuthu, Shenge ngicela uhlale phansi bengicabanga ukuthi uzokwethula iSilo, omunye obengaphambi kwakho ubewuhlonipha umcimbi kahulumeni,”
Ube esenxusa uMsindazwe uMnu uMdletshe ukuba ethule iSilo. Emuva kwalo mcimbi kubikwe izigameko zokushaywa kwabalandeli be-ANC abebegqoke imibala yale nhlangano beyingxenye yomcimbi. Lokhu kwenzeke ngesikhathi izicukuthwane sezihambile. Lesigameko siqubule ingebhe ngokuthi kungahle kuphinde kuqubuke udlame lwezepolitiki phakathi kwe-ANC ne-IFP. Umholi we-IFP ongasekho iNkosi uMangosuthu Buthelezi wathi akasoze akuthola ukuphumula uma i-IFP ne-ANC ingazange yahlala phansi yalungisa ukungaboni ngasolinye. Udlame phakathi kwalamaqembu ngeminyaka yama-80s kuya kuma-90s yadlula nenqwaba yemiphefumulo KwaZulu-natal kwaze kwakapakela nasemahostela eGoli.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnu uZakhele Ndlovu uthe ikhona ingozi yokuthi okwenzekile kube nempethu yodlame uma umlilo ungabhulwa usaqala. “Bobabili abaholi babe nephutha ngendlela abaziphathe ngayo. Abaholi bethu kumele babe yisibonelo. Ukubekezelelana kwezepolitiki kumqoka ikakhulukazi ebaholini okuyibo okumele babe yisibonelo”. kusho uNdlovu. Eqhuba uthe kube yiphutha nokuthi amalungu e-ANC ahambele lomcimbi efake imibala yeqembu ngoba bekungumcimbi kahulumeni. Uphiko Lwabesifazane be-ANC KwaZulu-Natal lukhiphe isitatimende luthi amabutho athinteka esehlakalweni sokuhlaselwa kwamalungu e-ANC oningi lawo kungabesifazane kumele aboshwe.
Ekhuluma eMzumbe emkhankasweni wokhetho uMengameli uRamamaphosa uthe uphenyo luyaqhubeka ngesigameko sokuhlaselwa kwabantu kwaCeza. Uthe abantu kumele bazikhethele bona iqembu abalifunayo bangaphoqwa noma ngabe bakuyiphi indawo.