Now Reading
Nakanjani azophela agambaqa ngosuku lokhetho
Dark Light

Nakanjani azophela agambaqa ngosuku lokhetho

Kulokhu baningi abayobe beqala ukuvota kanjalo namaqembu ayobe eqala ukuba nomngenelo.

Usuku okade lulindelwe selumenyezelwe. Elandela iSigaba 49 (2) soMthethosisekelo wakuleli, sifundeka neSigaba 17 soMthetho Wokhetho wangowe-1998 zombibili ezimgunyaza ukuba abememezele usuku lokhetho, uMengameli wezwe uRamaphosa usememezele ukuthi umhla zingama-29 kuNhlaba elakuleli lizoya okhethweni. Lolu wukhetho olumqoka njengoba lenzeka ngonyaka lapho izwe liqopha iminyaka engama-30 yenkululeko.

Kwamanye amaqembu ngisho nabavoti lo nyaka wokhetho umqoka njengaloyo we-1994 lapho izinkumbi zaboHlanga zaphuma ukuyovota okokuqala ngqa ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi. Kulokhu baningi abantu abasha okulindeleke ukuba kube ngokokuqala bethatha isinqumo sokuthi ngubani ozobusa izwe.

Akhona namaqembu ayobe eqala ukuya okhethweni. Ukuhlabahlosa kwalolu khetho kusekutheni luzobe lumbalabala njengoba kukhona amaqembu amasha, eza nemiqondo emisha.  Kuzoba nokhetho lapho elakuleli libhekene nezingqinamba eziningi kakhulu nxa kufikwa kwezomnotho. Ngosuku nje okuphume ngalo usuku lokhetho kuphume nezibalo ezithi isibalo salabo abangasebenzi sikhuphukile.

Khona lapho ukhetho lufike lapho izwe libhekene nenkinga yokucima kukagesi kanjalo nokuswelakala kwamanzi kwezinye izingxenye zezwe.  Kulokhu abavoti bazobe belindeleke ukuba bakhethe emaqenjini ehlukene kusuka kulawo angenele izifunda ezithile nakulawo angenele kuzwelonke.

Nasenhlanganweni yokhetho lolu wusuku olumqoka. Yilapho njalo emuva kweminyala emihlanu ivivinywa khona. Ngalolu suku nangosuku lokubala kawekho amagama angashiwo ngayo, kusuka ekutheni ichemile. Kuze kube yimanje akukho okwake kwakhomba ubufakazi balokho njengoba abasuke beyisola begcina lapho nje, ukuyisola.

Abanye abazobe bematasa ngezokuphepha ngoba ongoma uyayona nabo basuke bethi wusuku lwabo. Abanye abazobe bengabuthi quthu ubuthongo ngabezindaba. Ingani ngalolu suku kuze kuyobalwa sizwa ngabo ukuthi kwenzakalani. Yibo nabahlaziyi akulalwa, kulamula ukuphuma kwemiphumela.

Usuku lokuvota njengokujwayelekile luyobe lungoLwesithathu nokwehlise amaphaphu njengoba loyo oliSekela Mengameli ubesekhulume okunye ngempelasonto. Ephahluka uMashatile uthe ukhetho lolu luzoba ngoLwesihlanu zingama-24 kuNhlaba. Lokhu kuthukuthelise amanye amaqembu epolitiki nabekhala ngokuthi lolu sukuku lungahle lube yingozi yokuciphisa izibalo zabavoti njengoba iningi lingahle likhethe ukuba nempelasonto ende, baziyele emaholidini noma emakhaya.

See Also

Ubusuku obude

Usuku lokhetho luhlukene izigaba ezimbili. Kuba yilapho abavioti beba ujenge khona bevota. Kuthi kusihlwa imvama ngehora lesikhombisa bese kuyavalwa ukuvota. Okusuke kuzoqala lapho wubusuku obude bokubalwa amavoti nokuqala ezikhungweni ezahlukene kuleli. Lesi kuba yisikhathi eside nesimqoka. Lapha akulalwa njengoba kungekho ocwayizayo kwazise kumele ekugcineni kuvunyelwane ngezibalo zabavoti kanye nokuthi ngubani ophumeleleyo.  Lapha abe-IEC basuke bengebodwa ngoba kuba nezingqapheli zakuleli nakwamanye amazwe okuyizo ezakhe umkhanya, nazo zisuke zingalele.

Kuleli hholo elikhulukazi lapho izinombolo ezivela ezindaweni ezahlukene kusuke kuphithizela. Abaholi bamaqembu basina bededelana ukuzobika ukuthi kuhamba kanjani. Ibhodi leli elisuke liveza imiphumela kalicimi, elikwenzayo wukude liguquka nje kungongaphansi nongaphezulu. Yilo eliqeda konke ukukhuluma nokuqagela ngoba izinombolo ezisuke sezinamekwe kulo, kusuke kuyizo kungekho ezinye. Uma seziphuma ezokugcina ubona ngakho ukuncipha kwesibalo sabantu, osehluliwe useyolala, ngoba ekugcineni kuyaphela konke obekwenziwa, aphumelele ophumelelayo impilo iqhubeke. 

Scroll To Top