Now Reading
Olungaliyo eBloemfontein: Isinqumo esingaguqula ukhetho
Dark Light

Olungaliyo eBloemfontein: Isinqumo esingaguqula ukhetho

Izinkulumo ezivamile zokuthi ukhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba kophezulu luzofana nokhetho lokuqala olwaluvulelekile ngowe-1994 ziya ngokufakazeka njengoba umbango wamaqembu uya ngokushuba. Yize ngowe-1994 isibalo samaqembu sasiphansi kakhulu uma kuqhathaniswa nalolu khetho, nakhona umbango wawushisa phansi phakathi kwe-ANC neNational Party. Ukusungulwa kombutho oholwa owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma uMkhonto Wesizwe (MK) kushubise kakhulu kwavukuza namaqembu abengazwakali kakhulu. 

Namuhla umbango omkhulu uzoqhubeka eNkantolo Yokhetho eBloemfontein lapho i-ANC iphonsela khona inselelo iNhlangano Ezimele Yokhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC) ngesinqumo sayo sokubhalisa iMK njengeqembu elizongenela ukhetho lwangoNhlaba. I-ANC ithi kwaba liphutha ukuba iSekela Lomphathi kwa-IEC uMnu uMawethu Mosery abhalise iMK. I-ANC ithi ezikaMsholozi zasebenzisa izindlela ezinqamulelayo ngesikhathi zibhalisa njengeqembu lezepolitiki. Umhlaziyi wezepolitiki uMnu u-Itumetsu Phiri uthi i-ANC ingahle ihlangabezane nembibizane kulolu daba ngoba ayizange ukuphikise kuqala ukubhaliswa kweMK njengeqembu lezepolitiki. 

“I-ANC ayizange isisebenzise isikhathi esisemthethweni esibekwe i-IEC ukuba kuphonselwe inselelo noma yini esuke ithinta ukubhaliswa kweqembu, yasonga izandla njengoba ize yaphaphama sekukade. Lokho kusho ukuthi yayivuma ukuthi igama leMK ayinankinga ngokuthi lingasetshenziswa,” kusho uPhiri. 

Izolo kusihlwa umkhulumeli weMK uMnu uNhlamuko Ndhlela uthe bazonikela eNkantolo namuhla ekuseni belindele noma yisiphi isinqumo seNkantolo ngoba bayayihlonipha inqubo yomthetho.

See Also

“Esizibuza khona ukuthi i-ANC ibizothatha isinyathelo esifanayo yini ukube uMkhonto uholwa ngomunye umuntu okungesiye uZuma. I-ANC ikuqonda kahle ukuthi uZuma unabalandeli emazingeni aphansi kuyona yonke indawo futhi mkhulu umehluko azowudala ku-ANC emuva kokhetho.”  Kusuka kwakhishwa usuku lwanamuhla eNkantolo eBloemfontein, izinhlaka zeMK  bezivivela ukunikela eNkantolo ziyokeseka iqembu.  

Izolo izwi eliqhamuke ebuholini obuphezulu beMK ukuthi abalandeli baleli qembu bahlale emakhaya ngenxa yokusabela ukuphepha. Okunye okuvezwe ubuholi baleli qembu ukuthi njengoba ibhange iFirst National Bank (FNB) ivale wonke ama-akhawunti kaZuma abakwazi ukuthola imali yokuqasha amabhasi azothutha abantu. Kusukela ezintatha namuhla ezokuphepha bese ziqinisiwe ngaphandle kwenkantolo nezingxenye ezingenela kuyo kutshalwe amaphoyisa nxa zonke.

Scroll To Top