Now Reading
Zishayane zabukana embangweni wokubhaliswa kweMK
Dark Light

Zishayane zabukana embangweni wokubhaliswa kweMK

Zishayane zabukana eNkantolo Yezokhetho eBloemfontein phakathi kwabameli be-African National Congress (ANC), abamele iKhomishana Ezimele Yokhetho nabebemele uMkhonto Wesizwe. I-ANC ifake enkantolo iKhomishini neMK lapho iphonsela inselelo uhlelo olwalandelwa ngesikhathi kubhaliswa leli qembu eliholwa ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma. Okube sobala kwizethulo zayizolo ukuthi igama uMkhonto Wesizwe akulona okuphikiswane kakhulu ngalo, kepha kube imigudu eyalandelwa yiNhlangano Ezimele Yokhetho. 

Ummangalelwa wokuqala iKhomishini Yokhetho ngaphansi kobuholi Besikhulu Esiphezulu uMnu uSy Mamabolo, ummangalelwa wesibili uMkhonto Wesizwe.  imele Yokhetho. Ummangalelwa wokuqala iKhomishini Yokhetho ngaphansi kobuholi Besikhulu Esiphezulu uMnu uSy Mamabolo, ummangalelwa wesibili uMkhonto Wesizwe. 

UMmeli kaKhongolose u-Advocate uBaloyi utshele inkantolo ukuthi babambelele encwadini eyathunyelelwa iMK iphuma kwa-IEC mhla zi-4 kuNcwaba lapho kwakuchithwa khona isicelo sokuqala seMK sokubhalisa njengeqembu lezepolitiiki. 

U-Advocate uBaloyi uthi lokho nje kukodwa kuwubufakazi ngesinqumo okwase kufinyelelwe kuso. “IKhomishini Ezimele Yokhetho yama ekutheni yayichitha iMK nesicelo sayo yabatshela ukuthi kumele babhalise kabusha. Emuva kwalokho kwabe sekungasekho emthethweni ukuba iKhomishini Ezimele Yokhetho yamukele isicelo seMK esase silungisiwe ngaphezu kwalesi sokuqala esabe sesichithiwe”. UBaloyi ubuye wazwakala samuntu ovuma induku ngesikhathi etshela inkantolo ukuthi kungenzeka ukuthi bazogxoba ngetshe ngaphambili. 

“Sagxekwa ngokuthi kwakumele sicele amaphepha kuqala, futhi youtube sawathola kuqala amaphepha, sasizoqonda kahle lonke uhlelo. Uqhube wathi njengoba ummangali engazange awacele amaphepha, lokho akuyona into asengathweswa ngayo ijoka ngenxa yokuthi awukho umbandela othi kwakumele bathole amaphepha asenkantolo. UMehluleli uphendule ngokuthi uchaza ukuthi inkantolo kumele ibukele phansi uhlelo lwangaphakathi bse itakula i-ANC. “Asikwazi ukwenza lokho, singakwenza,” kubuza uMehluleli kuBaloyi. Emuva kokuqagulisana kwabameli inkantolo ithe isinqumo izosigodla kuze kube yazisa zonke izinhlangothi ezithintekayo ukuthi izosikhipha nini.

See Also

Ngaphandle kwenkantolo abalandeli be-ANC neMK bebezwakala bebhiyoza kusho phezulu izingoma zomsakazo. OwayenguNobhala Jikelele we-ANC uMnu u-Ace Magashule ubephakathi kwabantu abebezozimazisa iMK enkantolo. Ephawula uNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula uthe noma ngabe isinqumo sivuna bani lokho kuyobe kungasho ukuphela komhlaba kodwa angeke bavume ukuthi uZuma ahambe nefagugu le-ANC.

UMnu uJacob Zuma utshele abalandeli beMK ukuthi umlando woMkhoto Wesizwe uyaziwa futhi awuyona imfihlo. “Phambilini kwakuwuphiko lwezempi manje sekuyiqembu lezepolitiki. Asikwazi ukugibela inqola esingayazi, sigibela esiyaziyo,” kuphetha uZuma.

Scroll To Top