Now Reading
Iminyaka engama-30 i-ACDP ifolosa ngoMfu uMeshoe
Dark Light

Iminyaka engama-30 i-ACDP ifolosa ngoMfu uMeshoe

Kule nyanga kuphela iminyaka engama-30 kwasungulwa iqembu lezepolitiki i-African Christian Democratic Party (ACDP), elasungulelwa phezu kwesisekelo senkolo nokubuyisa ubuntu esizweni. Emaqenjini amaningi aba ngoqhibukhowe okhethweni lokuqala lowe-1994, i-ACDP sekuyilona kuphela iqembu elisekhona futhi elisamelelekile ePhalamende.

Selokhu i-ACDP yasungulwa umholi kusenguye uMfu uKenneth Meshoe, noma kunezingqugquthela zokukhetha ubuholi akekho ophumela eshashalazini amphonsele inselelo. EPhalamende leli qembu linezihlalo ezine. Okhethweni lowe-1994 leli qembu lathola izihlalo ezimbili ePhalamende lameleleka nasezifundazweni ezinhlanu. Kumanje limeleleke ezifundazweni ezimbili okuyiWestern Cape neGauteng.

Ngempelasonto i-ACDP yethule umkhankaso wezethembiso zokhetho e-Ellis Park Indoor Arena eGoli phambi kwezinkulungwane zamalungu. Akubanga umkhankaso owejwayelekile ovamise ukubonakala kwamanye amaqembu ezepolitiki lapho kusuke kuqhuma phezulu iziqubulo zomzabalazo kukhona namaciko anandisayo. Umbuthano we-ACDP ubudle ngomculo wokholo imithandazo nezintshumayelo ezindlalele inkulumo yosuku kaMfu uMeshoe. Lo mbuthano ubuhambisana nomgubho wokubungaza ukuqeda iminyaka engama-30 yasungulwa. 

Enkulumweni yakhe uMeshoe uthe isiqubulo sabo kulolu khetho sithi service, order nè safety (SOS) okusho ukuhanjiswa kwezidingo, ukuhleleka nokuphepha. “I-ACDP isikuzwile ukukhala kwabantu baseNingizimu Afrika. Bafuna ukuhanjiselwa izidingongqangi, ukuhleleka nokuphepha. Sonke sifuna ukubona iNingizimu Afrika enezinhlelo ezibonakalayo zezempilo nomnotho ohlelekile,” kusho uMeshoe.

Uthe abantu bafuna ukubona kudaleka amathuba emisebenzi, kuthi labo abangasaqasheki kube khona amathuba abahlinzekwa ngawo okuziphilisa. Enkulumweni yakhe uMfu uMeshoe uthe iqembu lakhe livuleleke kuwona wonke umuntu waseNingizimu Afrika ngaphandle kokubheka ukuthi ukholelwa kuphi. Kungokokuqala ukuthi umholi waleli qembu anxenxe abavoti nxa zonke, phambilini i-ACDP ibikugcizelela ukuthi iyiqembu labenkolo yobuKhrestu emikhankasweni yalo.

“Kuyoze kube nini izinkumbi zabantu bakuleli ezihlwempu zikhala ngenxa yokuthi zishaywe ngemfe iphindiwe nguhulumeni ezawukhetha. Kuyoze kube nini abantu bethumela umyalezo bedinga ukusizwa benganakiwe”? 

See Also

UMeshoe uthe kubona ngisho nengane encane ukuthi luyadingeka ushintsho kuHulumeni nabaholi abaqotho abazokwazi ukuphendula ngokushesha lapho abantu bephakamisa isandla bedinga usizo. Uphonsele inselelo abavoti ukuthi banike ithuba i-ACDP ihole.

Kumqulu wezethembiso zokhetho i-ACDP ibeka phambili amaphuzu amahlanu:  Iphuzu eliphambili impi eqhubeka phakathi kwe-Israel neHamas lapho leli qembu lithi lizoqinisa amaxhama okuxhumana ne-Israel. I-ACDP ithi izodala amathuba emisebenzi ilwisane nendlala. Leli qembu lithi lizobuyekeza ezobulungiswa liqinise nomthetho ekulweni nobugebengu. UMeshoe uthi ekulweni nobugebengu bazosungula izinhlaka ezizimele zokulwa nobugebengu nenkohlakalo. Uveze ukuthi bazobhukula ukuze kubuye izigidigidi ezebiwa ngesikhathi sokugwamandwa kombuso. Kwezempilo leli qembu lithi esikhundleni sohlelo lweNational Health Insurance lizophakamisa ukuba kube nenkulumongxoxo ezoholela ekutheni bonke abantu bakwazi ukuthola usizo lwezempilo. Njengeqembu elakhelwe phezu kwesisekelo senkolo likholelwa ukuthi kumele kulungiswe isimo sempilo nenhlalakahle emindenini 

Scroll To Top