IBanyana ithembisa into yamehlo emlenzeni wesibili kuTanzania
IBanyana Banyana isibekele umgomo wokujabulisa abalandeli uma isibhekene neTanzania emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka.
NgoLwesihlanu ntambama, iNingizimu Afrika iqumbe phansi iTanzania ngama-3/0 emdlalweni womlenze wokuqala.
Amagoli eBanyana ashaywe nguJarmaine Seoposenwe, uHilda Magaia noThembi Kgatlana e-Azam Sports Complex, eDar es Salaam, eTanzania.
Umgadli weBafana uMagaia usethembise abalandeli into yamehlo eMbombela Stadium.
“Lo mphumela uzosifaka umfutho. Ekhaya sibheke ukwenza kahle. Asizimisele ngokuphoxa abalandeli bethu. Angingabazi ukuthi sizokwenza kahle njengeqembu uma sesidlala phambili kwabalandeli bethu,” kusho uMagai.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eMbombela Stadium, eMpumalanga ngoLwesibili ngelesi-7.30 ebusuku.
“Ngesiwombe sokuqala asizange sidlale kahle. Siqale ukuthola umgqigqo wethu ngesiwombe sesibili. Ukushisa yikona okwenze saphuza ukungena egiyeni,” kuqhuba uMagaia.
Lo mgadli ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeBanyana emlenzeni wokuqala. Wakhe igoli lokuqala wase evalela enethini elesibili.
“Obekumqoka bekuwukulalela umqeqeshi nokwenza lokho asiyalele kona emdlalweni. Ngesiwombe sokuqala asizange sidlale ngokwezinga esaziwa ngalo. Izitha zisiphoqe ukuthi sidlale ngendlela yazo. Ngesiwombe sesibili sithole umgqigqo, sakwazi ukuphatha ibhola futhi yingakho sithole amagoli amabili.” kuphefumua uMagaia.