Now Reading
Ukhathazekile owePAC ngokuqhibuka kwawozombusazwe
Dark Light

Ukhathazekile owePAC ngokuqhibuka kwawozombusazwe

Kusuka ngokhetho lowe-1994 olwaluhlanganisa zonke izinhlanga isibalo samaqembu angenela ukhetho siyanyuka. Yize amaqembu ayebhalisele ukhetho ngowe-1994 ayengaphezu kweshumi kodwa agcina ekwazile ukuthola izihlalo ePhalamende aba yisikhombisa.

I-African National Congress yiyo eyabe iyiqembu elikhulu, i-African Christian Democratic Party (ACDP) kaMnu uKenneth Meshoe kungelincane. Ngokukhula kwedemokhrasi ezweni isibalo samaqembu ezepolitii siya ngokwanda. Lesi simo siyamkhathaza umholi wePan Africanist Congress of Azania (PAC) uMnu uMzwanele Nyhontso. 

Ekhuluma eSharpeville izolo uthe amaqembu amaningi  aqhibuka njalo uma sekusondele ukhetho awumphumela wenkohlakalo ngoba axhaswe ngosomabhizinisi abanezinhloso ezithile futhi ezingezinhle ngezwe.  “Kukhona abaxhaswe ngo-Oppeiheimer okugcina ngokuthi abantu babavotele okufana nokuthi ivoti labo liyacwila ngoba agcina engafikanga ndawo,” kubeka uNyhontso.

Ukuphawula kwakhe kulandela ukuvumbuka kwamaqembu amaningi angenele ukhetho oluzobanjwa ngoNhlaba. Iningi lamaqembu liholwa yilaba abaphume emaqenjini amakhulu njenge-ANC neDA naqhamuke esikhaleni.

Kuwona kukhona iXhiluva eholwa owayeyiMeya yaseMid Vaal owaxebuka kuDA uMnu uBongani Baloyi, iRise Mzansi kaMnu uSongezo Zibi, iBuild One South Africa eholwa uMnu uMmusi Maimane, i-African Congress Transformation esungulwe nguMnu u-Ace Magashule owaxoshwa ku-ANC. Wonke la maqembu abheke ukuzuza abavoti boHlanga. Embonweni owabhalwa uSolwazi uSipho Seepe ngoMasingana waveza ukuthi ukuqubuka kwamaqembu amasha amancane akukusha kupolitiki yaseNingizimu Afrika

See Also

“Okhethweni lowezi-2019 ayengama-48 amaqembu ezepolitiki ayelungenele kuzwelonke, okuyinto eyakha isithombe sokuthi inqubo yedemokhrasi yezwe isivuthiwe kodwa empeleni lokho kwakuphambene nokwenzekayo”. Kulo mbono uSolwazi uSeepe wathi emaqenjini angama-48 ali-14 kuphela akwazi ukuthola amavoti enele ukuba athole izihlalo ePhalamende amanye akhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.

“Izinkulungwane zamavoti ezaya emaqenjini angama-34 kwafana nokuthi zicwilile okwancisha abavoti ithuba  lokusola uHulumeni lapho ungenzi khona kahle”. Waveza ukuthi njengoba iFreedom Front Plus neDA bebheke kakhulu amavoti abaMhlophe futhi benamathuba amaningo okuwathola, lokhu kusho ukuthi amaqembu angama-46 angenele ukhetho lwangoNhlaba aholwa ngaboHlanga  azoncintisana wodwa kubavoti boHlanga.

Scroll To Top