Umkhankaso noma uphenyo lwangempela kuKaMapisa Nqakula
Ngabe uMengameli we-ANC uzama ukuziveza njengomelene nenkohlakalo ebuholini bakhe noma kusewumkhankaso weqembu njengoba kuyiwa okhethweni.
Lona ngumbuzo oqhamuke nenhlangano emelene nenkohlakalo i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) kulandela ukuseshwa komuzi kaSomlomo wePhalamende uNkk uNosiviwe KaMapisa Nqakula. Isikhulu esiphezulu ku-OUTA uMnu uWayne Doovenage uthe kumele abantu bangavumi ukuluthwa ngezinto ezincane ngoba sezihubela sakusha ngokhetho. “Kuningi uKaMapisa Nqakula aseke wasolwa ngakho phambilini ngesikhathi esenguNgqongqoshe Wezokuvikela kodwa i-ANC noMengameli uRamaphosa bangakugqiza qakala”.
Uthe kulokhu akuqondakali noma iqembu lakhe liyakhankasa ngokuthi abaphenyi bagasele emzini wakhe noma kusaqhutshwa uphenyo. UKaMapisa Nqakula usolwa ngokwamukela ukheshi wezigidi zamarandi njengentshontsho ngesikhathi esaphethe uMnyango Wezokuvikela. Kuthiwa le mali yayiqhamuka kusomabhizinisi uNkk uNombasa MaNtsondwa Ndhlovu ongunkosikazi wesinye sezikhulu embuthweni wezokuvikela iHealth Military Service.
Ngesikhathi kuvela okokuqala lo mbiko ephephandabeni langeSonto uKaMapisa Nqakula waziqhelelanisa nawo neqembu lakhe lathi lizolindela uphenyo. UDoovenage uthe kungakuhle uma kuwukuthi ukugasela emzini wakhe kuyingxenye yophenyo ngoba uma kudlalwa ngegeja kuziliwe kuyobe kusho ukuthi ababathetheli phezulu abantu abazimisele ngokulwa nenkohlakalo. Uthe izinsolo zokugwazelwa zibucayi kakhulu. eqhuba uveze ukuthi kungakuhle uma oKlebe bezonamathela encwadini efungelwe abayithunyelelwa usomabhizinisi ngesikhathi ebabikela ngale nkohlakalo ngoba yiyo enobufakazi obuqandikhanda.
Ephendula imibuzo ePhalamende uMengameli uCyril Ramaphosa akafunanga ukuphawula ngokuseshwa komuzi kaSomlomo. Seliyothambama ngoLwesibili uKaMapisa Nqakula ukhiphe isitatimende ethi akanankinga ngokuseshwa komuzi wakhe ngoba umsulwa.