Ubani ozoba seqhulwini ohlwini lwe-MK?
Kusuka ngoZibandlela nyakenye igama leqembu iMK naloyo ongumseki walo omkhulu uMnu uZuma bebesematheni. Obekukhulunywa, kubikwa noma kuhlaziywa lapha bekuthinta ikusasa lezwe kwazise leli qembu lasho nje lisuka ukuthi lizongenela ukhetho. Khona lapho langananaza ukusho ukuthi inhloso wukuphula uKhongolose amazwanana.
Sekungumlando ukuthi leli qembu selingenise ezindaweni eziningi ikakhulukazi KwaZulu-Natal nosekwenze ezinye izinqqapheli zanombono wokuthi noma ngabe kwenzakalani okhethweni kepha iMK izoba yingxenye yamaqembu amqoka ekududuleni noma ekusebenzisaneni noKhongolose.
Amagama abaholi abaqavile kuleli qembu yilelo laloyo owalibhalisa enhlanganweni yokhetho uMnu uJabulani Khumalo kanye nelikaMnu uZuma. Ngesikhathi uZuma eveza ukuthi weseka iMK kwaba nokuhumuzela bebodwa abathi uzobuya njengomengameli wezwe nokho kukhona abaveza isigaba esithile emthethweni wezwe nesithi ongumengameli uhlala iminyaka emihlanu, nokuthi angangena amahlandla amabili. UZuma waba ngumengameli wezwe kusuka mhla ziyisi-9 kuNhlaba ngowezi 2009 kuya mhla zili-14 kuNhlolanja ngowezi-2018. Sekungawukuphikisana kwabantu ukuthi kuzobalwa iminyaka noma amahlandla.
Kuleli sonto amaqembu angenele ukhetho kuzwelonke nasezifundazweni kulindeleke ukuba abeke uhlu lwalabo abazowamela ePhalamende naseZishayamthetho. Injolozela izobe ikuyo iMK ukuthi okokuqala ngubani ozohola uhlu lwamagama kuzwelonke nasezifundazweni. Lokhu kuzoba ngumsebenzi obucayi kuleli qembu elisha ngoba ikhona ingozi yokuthi libange lokhu ngakho ngoba abanye babeze kulo ukuze babe sohlwini okuzothi uma kungenzeki babe nomunye umqondo.
Abanye bazobe bebheke ukuthi uKhumalo noma nguZuma bazoba sohlwini yini nokuthi phakathi kwalo ngubani ozoba kuphi. Kuzoba ngesifanayo nakwamanye amalungu aqavile njengoba kukhona aziwayo kanti amanye angahle avele khona ohlwini kande kungaziwa ukuthi asengamalungu. Abantu baseNingizimu Afrika akusekudala ukuthi bazi ukuthi uZuma usebuye ngokuphelele yini kupolitiki yakuleli noma ungumelusi nje weqembu athi ngalo uzolungisa ubugwegwe bukaKhongolose.