Izibalo zabangasebenzi zivukuze ukukhuluma ngabokufika
Ukunyuka kwezibalo zabangasebenzi nokwanda kwabaphonsa ithawula ekutheni bayophinde baqashwe empilweni kuvuse ukukhuluma okudala ngabokufika kuleli. Isikhalo seminyaka esibonakala sehlukanisa phakathi nabezepolitiki ngesokuthi izwe lizithola likulesi simo nje, yingenxa yokwanda kwabokufika abagcwele emisebenzini okungabe ngeyabakuleli.
Emuveni kokukhishwa kwezibalo zabangasebenzi inhlangano i-Operation Dudula ithe abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi basazoqhubeka nokuba sosizini ngoba imisebezi inikezwe abokufika. UMnu u-Ezra Dhlamini oyisishoshovu sale nhlangano eGoli uveze ukuthi iqiniso elibabayo ukuthi abokufika bavikelwe yiqembu elibusayo yingakho nabaqashi bebona kuyindlela elula ukuqasha bona kunabantu bakuleli.
“Uma ubheka eWaterfront eKapa, kuya enxanxatheleni yezitolo zokudla kuya eWesgate Shopping Mall kuqashwe iningi labokufika. Ngisho emagaraji kaphethroli ebantwini abalishumi abaqashiwe abane kusuke kungabokufika. Akusithusi ukuthi kungani ziphezulu izibalo zabangasebenzi emkhakheni yemisebenzi yalolu hlobo,” kusho uDhlamini.
I-Action SA ithi abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho akumele baqashwe. Le nhlangano ithi abantu baseNingizimu Afrika basazokhala nezinyoni uma bengasukumi bashintshe uHulumeni ngokhetho. Le nhlangano ikugcizelele ukuthi isamile ekutheni bonke abokufika abakuleli ngaphandle kwezimvume kumele babuyiselwe emakhaya, bakhishwe nasemabhilidini abahlala kuwo ngokungemthetho emadolobheni amakhulu.
“La mabhilidi kumele athathwe yizinkampani ezizimele ziwaguqule ukuze nze imisebenzi ehlukahlukene ezohlomulisa imiphakathi,” kusho uMnu uHerman Mashaba uMengameli we-ActionSA.
Yiva elingabanguleki
Olwabokufika luseyiva elingabanguleki kuHulumeni. Imizamo kaNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt u-Aaron Motsoaledi yokuthola isisombululo igcina iphelele eboyeni. Lapho uMotsoaledi ezama khona ukuqinisa umthetho ngokusebenzisa izinkantolo ukhala ngaphansi noma azithole sekumele enkantolo, okanye acele isikhathi esengeziwe, egameni lomnyango ukuze kulungiswe inkinga.
UNgqongqoshe uzame kaningi engaphumeleli ukuchibiyela umthetho ophambene noMthethosisekelo owawuvumela ukuthi kuboshwe abokufika abahlonzwa njengabakuleli ngokungemthetho ngonyaka odlule. Ngesikhathi elaboHlanga lihambele emaHhovisi Ezasekhaya eProspecton eSiphingo ngoLwesithathu bekunenhlabaluhide yabokufika abathe bazovuselela amaphemithi okuba kuleli, abanye bazofaka izicelo okokuqala abangathandanga ukukhuluma naleli phephandaba ngokuthi badabuka kumaphi amazwe.
Ngokwezilinganiso zomhlaba amazwe ngokwehlukana kumele akwazi ukwamukela abantu bokufika, kepha lesi sibalo akumele sibe ngale kwamaphesenti amathathu nengxenye (3.5%). Amazwe abonakala njengathuthukayo kwezomnotho njenge-United States of America (USA), iNew Zealand, i-Australia isibalo sabantu abathuleka kuwo singale kwalesi. Ezwenikazi i-Afrika, iNingizimu Afrika, iRwanda, iKenya ngamanye amazwe anabantu abaningi abaphuma ngaphandle ngoba bebabele impilo engcono.
Leli phephandaba likhulume noMnu uMuntukayisi Makhanya wakwaZwelibomvu osebenza enkampanini yamathayi eProspecton ngokwanda kwesibalo sabangasebenzi nomthelela wabokufika. “Isikhalo esinjalo sikhona, sidala futhi nosopolitiki basazi kahle ukuthi nje banengcindezi ngoba uma iqembu elibusayo linganyusa ikhanda ngabokufika kuyoba nzima ukuthi lelizwe libukwe njengelikhululekile e-Afrika. Baningi abantu bokufika esibaziyo abaqashwe ezinkampanini ezihlonishaywa abasahola ngezimvilophu ngoba abanawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli, ingasaphathwa eyokusebenza”.
AboMnyango Wezabasebenzi Nokuqasha emibuzweni abathunyelelwe yona mayelana nezinkampani eziqasha abokufika baphendule ngokuthi okwenza bangakwazi ukufinyelela kuzona zonke izinkampani ukuhlola uhlelo lokuqasha ukuthi abanabo abasebenzi abanele abahlolayo yingakho ezinye izinkampani zikwazi ukuqasha kalula abantu ngokungemthetho. OwayenguNgqongqoshe Wezemisebenzi uNkk uMildred Oliphant waveza ukuthi lena yinkinga endala okwenza ukuthi ezinye izinkampani zigcine sezigwazela abahlolayo.