Yisinamuva noma yisukamuva? I-IFP izovala inkundla eMoses Mabhida
Isisho sesiZulu esithi, ‘isinamuva liyabukwa’ sivamise ukuzwakala lapho kusuke kunokuncintisana okukhulu ngento ethile. Sona isiZulu sibuye sithi: ‘isukamuva likholwa yizagila’.
Phezu kwalokho injolozela iba kakhulu kulowo ogcinayo enkundleni ngoba kuvamise ukuthi kube nguye ocacisayo ukuthi imiphumela yalokho kuncintisana hleze ime kanjani. Kulokhu isinamuva yi-Inkatha Freedom Party (IFP) enkundleni iMoses Mabhida lapho izokwethula khona umqulu wezethembiso zokhetho. Le nkundla okujwayele ukubhuquzisana kuyo izinkunzi zebhola lakuleli nasemhlabeni kulezi zinsuku inedumela ngokuba yikhaya lesibili lamaqembu ezepolitiki. Kulabo abangawulandeli kakhulu unobhutshuzwayo, kubona idumela leMabhida lilethwe amaqembu ezepolitiki.
Kuqale ngokugiya i-Economic Freedom Front (EFF) kwalandela i-African National Congress (ANC) njengoba kuzothi ngeSonto zili-10 kuNdasa le nkundla ibe yikhaya leNkatha. Abalandeli nabathandi be-IFP bazothutheleka kule nkundla kusuka ngehora lesikhombisa ekuseni. Umholi weqembu uMnu uVelenkosini Hlabisa usekushilo ukuthi bafuna ukwakhela phezu kwempumelelo yeqembu okhethweni loHulumeni Bezindawo lwangowezi-2021. INkatha yiyo eshaya amaphiko komasipala abaningi kwelikaMthaniya.
Akukho ukungabaza ukuthi emqulwini wezethemiso okungase kube seqhulwini ku-IFP ukulwa nenkohlakalo nezimpande zayo. Lapho esuke ekhuluma khona uHlabisa akahlonizi ngokuthi ngaphansi kukaKulumeni kaKhongolose kuthaphuka iphunga lenkohlakalo. Ekhuluma esithangamini sembumba yamaqembu aphikisayo anezinhloso zokuketula uKhongolose emuveni kokhetho wabeka kanje, “I-ANC isilethele ukugwamanda kombuso, ukunqamuka kukagesi nokunikana imisebenzi ngokuthi umuntu uyiqabane” Le nkulumo uHlabisa wayisonga ngegama elilodwa, okuyinkohlakalo.
Nakulokhu leli qembu hleze lihlobe ngamabala eladla ngawo okhethweni olwedlule. Ezinye zezthembiso kwabe kungukulwa nodlame olubhekiswe kabesifazane nzingane, ukugqugquzela ukuqiniswa komthetho emingceleni yakuleli, ukulwa namaqembu ezigebengu nokugqugquzela kuphinde kuxhaswe izinhlaka zokulwa nobugebengu emphakathini amaCommunity Policing Forum.
Okunye ababethembisa ukukwenzela umphakathi ukwakha izindlu zomxhaso ezisezingeni futhi ezinika umhlali isithunzi, nokulungisa imigwaqo exhumanisa imiphakathi. I-IFP yathi izokubeka phambili ukusebenzisana naMakhosi nokuthi angashiywa ngaphandle ezinhlelweni zentuthuko ezindaweni zawo. Ngaphezu kalokho yathembisa ukuthi amakhosi azolekelelwa ngezidingongqangi ezizowasiza ekufezeni izinhloso zokusiza umphakathi, singabi khona isidingo sokuthi abantu baze bashiye izindawo zamakhosi baye emadolobheni ukuze bathole usizo.
Lezi zethembiso zayisebenzela i-IFP ngoba yakwazi ukuhola amavoti angaphezu kwama-27.52% KwaZulu-Natal, ilandela i-ANC yathola amavoti angama-42.74% kubantu abayisi-1 900 000 abavotayo. INkatha yiyo elawula omasipala abaningi bezifunda kwelikaMthaniya. Emuva kokhetho i-IFP yenza isivumelwano sokusebenzisana ne-ANC kulabo masipala lapho kwakungekho khona odle amahlanga kodwa lokho kusebenzisana kwagcina kushabalele.
INkatha yasola uKhongolose ngokubanyundela eNquthu, eJozini nakobanye omasipala lapho i-IFP yabe inezihlalo eziningi. Isigameko sakamuva sakuMasipala uMzumbe lapho kwasuswa khona iMeya ye-ANC kwafakwa eye-IFP kulandela ukuvota kwamakhansela e-ANC eseka iNkatha, okuthe emuva kwezinsukwana kwaphinda futhi kabuyisela iMeya ye-ANC ngenye yezinto ezikhombise ngokusobala ukuthi kuzoba kuncane ukusebenzisana kulama qembu.
Kungethuse uma uHlabisa engatshela abalandeli beqembu ukuthi angeke basebenzisane ne-ANC emuva kokhetho. Kuleli sonto i-ANC ithe likhona iqembu ezobambisana nalo kodwa yangafuna ukuphumela obala ngoba yesaba ukuthi abavoti bangayihlehlela. Njengakuyo yonke imikhankaso yezethembiso zokhetho, nangeSonto i-IFP izobe ibophele amaciko ahlukahlukene azobe enandisa eshiyelana inkundla. Kubona kukhona uBabes Wodumo, uDJ Tira, Imithente nabanye. Ngokuqagula kwezangoma zezulu eThekwini lizobe likhipha umkhovu etsheni, akwaziwa noma abanye bangase basebenzise ithuba lamabhasi e-IFP ukuyozipholela olwandle.