Ukuzozethula kabusha KwaZulu-Natal kanye nokuqhuba imikhankaso emphakathini yiqhinga.
UMtungwa uqale ukuqashelwa ngabaningi uma kuvela ukuthi nguye owabhalisa igama uMkhonto Wesizwe ku-IEC.
Leli qembu yilo kuphela kwasematheni okuze kube yimanje elingakawethuli umqulu wezethembiso zokhetho kubantu yize usuke wasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
Isikhuni sibuya nomkhwezeli ngegidigidi lesikhangiso seDemocratic Alliance (DA) esikhombisa kushiswa ifulegi lakuleli njengophawu lokungqongqa kwezwe.
Umbango oshisa phansi wobuholi boMkhonto Wesizwe phakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uJabulani Khumalo ongumsunguli waleli qembu akuselula ukuba uthikameze izinhlelo zeKhomishini Ezimele Yokhetho.
Sisengundabamlonyeni isikhangiso sokhetho saleli qembu esikhombisa ukungqongqisa ngomlilo ifulegi lakuleli.
Ukungabikhona kobuholi obuqokiwe eqenjini uMkhonto Wesizwe kuyaqhubeka nokudala ukwehlukana kuleli qembu kulandela ukuvumbuka kolunye uhlaka oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal oluthi yilo olunamandla okuthatha izinqumo.
UNkk uNonkululeko MaHlongwane Mhlongo omele iRise Mzansi embangweni wokuba uNdunankulu KwaZulu-Natal, uthi akumfaki itwetwe ukuthi ubanga nabesilisa futhi abanamava kwipolitiki.
Ubuholi boMkhonto Wesizwe buthi belikulindele ukuphenduka ngokushesha kweNkantolo Yomthethosisekelo ngesinqumo esavuna leli qembu ngokuthi ubuso bukaMnu uJacob Zuma kube yibo obusephepheni lokuvota.
INational Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle.
Uphinde wanqoba omunye umzuliswano onzima eNkantolo enkulu yaseThekwini uMkhonto Wesizwe embangweni wokusetshenziswa kophawu lomkhonto. Leli…...
Uma isinqumo seNkantolo Enkulu eThekwini namuhla sivuna noma yiliphi iqembu phakathi koMkhonto Wesizwe ne-African National…...
Udweshu lusaqhubeka eqembini leMK eliphethwe nguMnu uJacob Zuma njengoba beshintsha uhlaka lobuholi.
Ngale mashi iMK ithi izobe ithumela umyalezo nakubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi balindele noma yini emveni kokhetho ngoba i-IEC isikukhombisile ukuthi icheme neqembu elibusayo.
Njengoba ziya ngokusondela izinsuku zokhetho inkulu ingcindezi emaqenjini ezepolitiki ikakhulukazi kubaholi ngokunxenxa amavoti. Okubonakala kunyusa…...
Ngesikhathi owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma seNkantolo eNkulu eGoli izolo lapho efuna kushushiswe ngasese uMengameli uCyril…...
Ngesikhathi umholi woMkhonto Wesizwe uMnu uJacob Zuma emdonsa ngengalo emethula ngokusemthethweni njengomunye ayezogadla ngaye emikhankasweni,…...
Sithe siphuma nje isinqumo sekuyoshaya ihora lesine kwazwakala unsindo wamakhwela obunanelwa ngamahuthi ezimoto.
Uphinde waphumelela emizamweni yakhe yokuhola uMkhonto Wesizwe ePhalamende uMnueuJacob Zuma. Isinqumo sayizolo besibhekwe ngabomvu emuva…...
UReddy ubekwe icala ngaphansi koMthetho iRiotous Assemblies Act 17 yowezi-1957 ngenkulumo ayenza lapho athi uma iMK ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho buyochitheka bugayiwe.
Kungekudala leli qembu lizobuyela enkantolo njengoba liphonsela inselelo isinqumo se-IEC sokuvimbela uMnu uJacob Zuma ukuba aholeli leli qembu ePhalamende.
Uma kuya ngokwezinhlelo zamazwe ahlukahlukene unyaka wezi-2024 ungaba ingqophamlando ngenxa yesibalo samazwe azobamba ukhetho lobumengameli.
ULundi yinhlokodolobha kaZulu nayilapho inkaba yoMntwana waKwaPhindangene ikhona.
Ukunqoba kweKhomishini Ezimele Yokhetho ecaleni ebibhekene kulo ne-ANC ngodaba lokubhaliswa koMkhonto Wesizwe njengeqembu lezepolitiki sekuvule uhologo labaxebuka kuKhongolose.