Now Reading
Injolozela isezwenikazi ngokhetho kowezi-2024
Dark Light

Injolozela isezwenikazi ngokhetho kowezi-2024

Uma kuya ngokwezinhlelo zamazwe ahlukahlukene unyaka wezi-2024 ungaba ingqophamlando ngenxa yesibalo samazwe azobamba ukhetho lobumengameli.

Kulokhu injolozela kayikho eNingizimu Afrika kuphela ukhetho lwakhona oluzobanjwa zongama-29 kuNhlaba. Abantu abevile ezigidini ezingama-28 ababhalisele ukuvota kubhekeke ukuba babe yingxenye yokhetho lukaHulumeni kazwelonke nowezifundazwe.

Ukhetho lwaseNingizimu Afrika lwanonyaka luzoba ngolwesikhombisa kusuka izwe lathola inkululeko ngowe-1994. Iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC), lingaphansi kwengcindezi kubavoti ngenxa yokufadabala komnotho, izinga eliphezulu labantu abangasebenzi, ukunqanyulwa kukagesi namanzi muva nje nokudlondlobala kobugebengu nenkohlakalo. 

Kungokuqala ukuthi isibalo sabangasebenzi sifinyelele kuma-32%. Izibalo zakamuva zobugebengu ziveza ukuthi ngosuku kubulawa abantu abangama-80 ezweni. Ukusungulwa kweqembu eliholwa ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma nokuqubuka kwamaqembu amaningi amasha, sekwenze lolu khetho lwanesasasa nasemazweni angaphandle.

Ukhetho Ezwenikazi

  • EMozambique

NgoNcwaba nonyaka umakhelwane welakuleli iMozambique izobamba ukhetho lukamengameli. Nakuleli lizwe iqembu elaletha inkululeko iFrente de Libertacao de Mocambique (FRELIMO), ibheke ukubuyela emandleni. UMengameli uFelipe Nyusi osephathe amahlandla amabili kubhekeke ukuba angalungeneli ukhetho. IFRELIMO  yiyo ephethe umbuso kuleliya lizwe kusuka kwaphela impi yomkhaya phakathi kwaleli qembu neRenamo eyathatha iminyaka eli-15. Uma kuya ngemiphumela yokhetho loHulumeni Bezindawo lwangonyaka odlule, lapho iRENAMO yanqoba omasipala abangama-64 kwabangama-65 ezweni, nakulolu khetho maningi amathuba okuthi iqhubeke nokuphatha.

  • ERwanda

Ukhetho kuleli lizwe cishe lubhekwe kakhulu izingqapheli zomhlala ukwedlula olwamanye amazwe. UMengameli uPaul Kagame nguye nakulokhu ophambili kwabangenele ukhetho. Ngonyaka wezi-2015 kwabanjwa inhlolovo emphakathini eyanika uHulumeni amandla okuguqula uMthethosisekelo. Lokho kwakusho ukuthi uKagame wayezophinda angenele ukhetho ngowezi-2017. Iqembu likaKagame iRwandan Patriotic Front elibusa ngokubambisana namanye amaqembu kuHulumeni liphakamise igama lakhe okhethweni oluzobanjwa ngoNtulikazi. Amaqembu aphikisayo aseqalile ukushaya amakhala ngokuthi uKagame usefuna ukuphenduka undlovukayiphikiswa njengoba engasafuni ukuphuma esikhundleni. Ethatha izintambo wanconywa ngokubuyisa isithunzi sezwe elabe limantwenguntwengu ngenxa yempi yomkhaya yamaTutsi namaHutu.

See Also

  • ENamibia noMengameli wokuqala wesifazane

Maningi amathuba okuthiwa iqembu elibusayo iSouth West Africas Peoples Organization (Swapo) libuyele emandleni. Abalandeli baleli qembu akubuzwa ukuthi bazozithoba amanxeba okuhamba emhlabeni komholi walo nobenguMengameli uSage Geingob, ngokuthi balivotele. Kuzoba ngokokuqala ukuthi iNamibia iholwe uMengameli wesifazane njengoba iSwapo iphakamise igama leSekela Mengameli uNetumbo Nandi Ndaitwah kwesobumengameli. Leli qembu yilo kuphela elisenomholi wokuqala owaliwelelisa enkululekweni waba nguMengameli wokuqala uSam Nujoma. Kulo nyaka uhlanganisa ama-95 edla anhlamvana. ENambia uNujoma uhlonishwa njengoMandela kuleli, uKaunda eZambia, uMugabe eZimbabwe, u- Augostino  Neto e-Angola, uNyerere eTanzania noHaile Selassie e-Ethiopia.

  • EBotswana

Ukhetho kuleli lizwe lizobanjwa ngoMfumfu. Iqembu elisemandleni iBotswana Democratic Party (BDP) yilo elibhekwe kakhulu. Kusuka ngowe-1965 alikho iqembu eselikwazile ukumelana nalo. Umholi waleli qembu uMokgweetsi Masisi nguye ophambili kwesobumengameli. IBDP isiphathe iminyaka engama-57.

Ngaphandle kwala mazwe ukhetho luzobanjwa eSomaliland lapho kusenombango oshisa phansi wamasosha nezinhlangano zomphakathi kwezinye izifunda zezwe. Ukhetho luzophinde lubanjwe esiqhingini iMauritius, eGhana, eMauritania, eComoros, eChad, e-Algeria eTogo. La mazwe iningj lawo laliqonelwe iFrance. Kusengumbango omkhulu wenkolo kuwo phakathi kwe-Islam, amaKhrestu namasosha eJihad.

Scroll To Top