Now Reading
Kupushuke inkulumo yekhansela eThekwini lisabisa abasebenzi abangakhankasi
Dark Light

Kupushuke inkulumo yekhansela eThekwini lisabisa abasebenzi abangakhankasi

Njengoba ziya ngokusondela izinsuku zokhetho inkulu ingcindezi emaqenjini ezepolitiki ikakhulukazi kubaholi ngokunxenxa amavoti.

Okubonakala kunyusa kakhulu ingcindezi isibalo esiphezulu samaqembu angenele ukhetho okungesikhulu ukwedlula emlandweni wezwe kusuka kwatholwa inkululeko.

Njengoba iningi lamaqembu amakhulu seliyethulile imiqulu yezethembiso zokhetho asesebenzisa lesikhathi esisele ukuhambela abantu emakhaya ebanxenxa. Kwabanye amaqembu lona kuba umkhankaso wamavolontiya asuke enothando lweqembu yize kukhona lapho bebhekelelwa khona.

Muva nje kusuke umsindo kumavolontiya e-ANC eThekwini kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi kukhona abahlangabezwa ngesibonelelo. Lezi zinkulumo zidale ukwehlukana kwehla nomdlandla kwabanye abebenethemba lokuthi bazobhekelelwa.

See Also

Kusolwa ukuthi yilokhu kuhlukana okuholele ekuputshukeni kwenkulumo yekhansela lakuWard 32 eThekwini eliyithumele kubantu abaqashwe njengetoho kuMasipala ngaphansi kohlelo lwePEP. Lena imisebenzi esuka emakhanseleni futhi kuba yiwo azikhombela abazothola umsebenzi emphakathini. Kule nkulumo ikhansela lizwakala lithi, “Anikho lapha ekubeni nazi kahle ukuthi u-door to door iwona ohamba phambili. Savumelana ngokuthi u-door to door uzokwenziwa abantu okukhona abakutholayo. Ngilana ngiphethe i-register uma ungafikanga angazi kuzokwenzakalani,”.

Owesifazane okhulume nelaboHlanga izolo uthe batshelwa nsukuzonke emehlweni ukuthi uma bengafuni ukwenza u-door to door netoho liyaphela.

Scroll To Top