Now Reading
IMK iphonsela inselelo isinqumo ngoZuma ePhalamende
Dark Light

IMK iphonsela inselelo isinqumo ngoZuma ePhalamende

Kubonakala kuzofika isikhathi sokhetho uMkhonto Wesizwe (MK) usagqigqa ezinkantolo ngenxa yamacala nezikhalo leli qembu elikholelwa ukuthi iNkantolo ingaba nesixazululo kuzo. Ngesonto eledlule iMK ibiseNkantolo ecaleni elifakwe yi-ANC lombango wophawu negama loMkhonto Wesizwe. Isinqumo kuleli cala sigodliwe.

Phambilini leli qembu beliseNkantolo Yezokhetho lapho i-ANC yayifake icala iNhlangano Ezimele Yokhetho i-IEC ngokubhaliswa kweMK njengeqembu lezepolitiki. Sekungumlando ukuthi i-IEC yanqoba enkantolo okwaba ngukunqoba okukhulu kweMK ngoba kusho ukuthi izokwazi ukungenla ukhetho. 

Kungekudala leli qembu lizobuyela enkantolo njengoba liphonsela inselelo isinqumo se-IEC sokuvimbela uMnu uJacob Zuma ukuba aholeli leli qembu ePhalamende. Igama likaZuma liseqhulwini kubantu abasohlwini lweMK abajutshwe ePhalamende. I-IEC yeseka ukuvinjelwa kukaZuma ukuya ePhalamende emuva kwesikhalo esaqhamuka emphakathini kulandela ukusatshalalisa kamagama nokuvulela umphakathi ukuba ubeke uvo lwabo ngalabo abangenelisekile ngabo. 

I-IEC ikuqinisekisil ukuthi akuyona eyafaka isikhalo nggama likaZuma kodwa saqhamuka mphakathini. uma lolu daba sludingida enkantolo igama lowafaka isikhalo liyovela ngoba kuyodinga ukuthi azokwethula ubufakazi. Izolo okhulumela iMK uMnu uNhlamulo Ndhlela uthe nakanjani lesinqumo basiphonsela inselelo.

“Sikhuluma nje abameli bethu baphezu komsebenzi wokulungisa amaphepha asenkantolo”. UZuma unerekhodi lokuboshwa ngesigwebo sezinyanga ezili-15 ngokudelela umyalelo weNkantolo ngonyaka wezi-2021.  Walahlwa yicala eNkantolo YoMthethosisekelo. Isigaba 47 soMthethosisekelo wezwe sikubeka ngokusobala ukuthi lowo ogwetshwe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezili-12 ngaphandle kokunikwa ithuba lokukhokha inhlawulo akakwazi ukuba ilungu lePhalamende.

See Also

Ephawula ngengozi eyehlele uZuma ngempelasonto, uNdhlela uthe basola isandla semfene yize kuthiwa umshayeli wayebukhile. “Kungani ezimotweni ezinhlanu ezaziphelezela uMengamli Zuma kwaba yileyo ayeyimthwele uMsholozi owaqoma ukuqonda kuyo”. kusho uNdhlela.

Ubuye wazwakalisa ukukhathazeka ngokuphawula kukaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ngokuthi lena kwabe kuyingozi nje akukho okutheni okuzophenywa. UNdhlela ubuze ukuthi uCele ubengakhuluma ngalolu hlobo yini ukube ingozi yehlele abathile okanye ukhulunyiswa yipolitiki. UZuma nabaqaphi bakhe baphuma bengenamyocu kule ngozi eyehla phakathi kweNkandla neShowe. Namuhla owesilisa oneminyaka engama-51 uzovela eNkantolo yeMantshi eShowe ngecala lokushayela ephuzile.

Scroll To Top