Ukukhulumela safuthi noma umbango wangaphakathi omxoshisile


Ngesikhathi umholi woMkhonto Wesizwe uMnu uJacob Zuma emdonsa ngengalo emethula ngokusemthethweni njengomunye ayezogadla ngaye emikhankasweni, kwaba ukuzikhethela kwelinonile ngenxa yamagalelo akhe emzabalazweni yentsha emanyuvesi.
UMnu uBonginkosi Khanyile akapholisanga maseko walaxaza iPatriotic Alliance kaMnu uGayton McKenzie wahamba noMkhonto Wesizwe.
Yize aqala ngokuphika ukuthi ukuhambela kwakhe umbuthano weMK eThekwini nyakenye kwabe kuhleliwe, wagcina esevuma emuva kokukhonjwa indlela kuPA.
Uqale ngomfutho njengoMdidiyeli Wentsha wakwazi ukuvukuza intsha ukuba ijoyine iMK ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ugcine eseyiqaqa ngezinkulumo zakhe ezilumelayo ezibonakale njengezidicilela phansi isithunzi seMK. Waphinde wazidalela isigcwagcwa edonsa ngamawashingi elinye ilungu loMkhonto emhlanganweni eMlaza.
Muva nie uphawule ngokuthi uma iMK ingekho ohlwini lamaqembu azongenela ukhetho bochitheka bugayiwe. Uphinde wagxekwa kakhulu lapho ayesola khona uMnu uJabulani Khumalo ngokuhleba uMnu uZuma athi usemdala angeke akwazi ukuhola iMK. Kulandela ukusabalala kwesitatimende sokususwa kwakhe ibihlukene imibono kumalungu. Abanye bathe liphume nobomvu njengoba kukhona abakhala ngokuthi wayekade evele ebekwe ngaphandle kwentando yabantu.
UKhanyile uxoshwe kanye nabathathu abebesebuholini obuphezulu bentsha okukhona kubo uThapelo Maisha, uGaan Cibane noGazuzu Nduli. Ezincwadini ababhalelelwe zona ngesandla sikaNobhala Jikelele uMnu uSihle Ngubane zibazisa ngokuthi kusukela namuhla angeke besaziphatha izikhundla abaqokelwa kuzo. Maphakathi nencwadi uNgubane uthi,”Uzokwaziswa kungekudala ukuthi ujutshwa kuphi”.
Yize laba baholi bentsha besusiwe esikhundleni kodwa basengamalungu eMK. Okhulumela iqembu uMnu uNhlamulo Ndhlela uthe lesi isinyathelo sokuzihlela njengoba lushoshela usuku lokhetho. UZuma usesho kaningi ukuthi bafuna ukuwina ngamalengiso ukuze bezokwazi ukushintsha uMthethosisekelo wezwe.