Now Reading
Injabulo kwabe MK inkantolo ivuna uZuma
Dark Light

Injabulo kwabe MK inkantolo ivuna uZuma

Ngaphambi kokuphuma kwesinqumo ebesibhekwe ngabomvu ezweni ngesicelo sikaMnu uJacob Zuma sokuphonsela inselelo isinqumo seNhlangano Ezimele Yokhetho sokuba igama lakhe libe sohlwini labaya ePhalamende nongubuso neqembu, ibinkulu imvunge ngokuthi iyozala nkomoni.

Ezinkundleni zokuxhumana abeseka iMK bebebambe umoya. Abanye baveze ukuthi isinqumo esizokhishwa uMehluleli kungenzeka sivunwe yileso sasekuqaleni sokuchitha i-ANC eyayikhala ngokuthi ukubhaliswa kweMK njengeqembu lezepolitiki kwabe kungekho emthethweni.

Sithe siphuma nje isinqumo sekuyoshaya ihora lesine kwazwakala unsindo wamakhwela obunanelwa ngamahuthi ezimoto. Kwabanye isinqumo bathe sicace izolo ngesikhathi ummeli kaZuma u-Advocate uDali Mpofu ebeka ngobuhlakani izethulo ezeseka uZuma.

UMpofu ubemi kwelokuthi uZuma wathola ushwele kuMengameli, futhi icala lakhe kwakungelona elobugebengu. Eqhuba esethulweni sakhe uthe ukususwa kukaZuma ohlwini labaya ePhalamende nokuba angalungeneli ukhetho kuphuca abalandeli bakhe ilungelo lokuvotela umuntu abamthandayo.

U-Advocate Ngckaitobi obemele iKhomishini Yokhetho ubethi akukho mqoka ukuthi kudingidwe okwaba ngumphumela wesigwebo, okusezithebeni zeNkantolo ukuthi isigwebo sakhishwa akusabalulekile ukuthi ummangalelwa wadonsa isikhathi esingakanani. Ekhuluma nabalandeli bakhe izolo emuva kwecala uZuma akazange akufihle ukuthi usafuna ukubuyela ekuholeni izwe ayoqedela izinto angazange aziqede ngesikhathi ekhishwa esikhundleni. Ukuphumelela kukaZuma kuvale ikhasi ngezinkulumo ebese ziqala ukusabalala ngokuthi uma egcina ngokuchithwa ngubani ozohola uMkhonto Wesizwe.

Isinqumo sayizolo sibe ngesesibili esikhathini esifushane ukuvuna UMkhonto Wesizwe.

ElaboHlanga lakuveza embikweni walo ukuthi ukiphumelela koMkhonto kuholele ekuveleni kwabaningi abalaxaze i-ANC bajoyina ezikaZuma. Kwaqala ngamakhansela ayisithupha kuMasipala uMzumbe aveza ukuthi asekhathele inkohlakalo ku-ANC. Ayeholwa  owayenguSomlomo kulo masipala uSibonelo Maphumulo owakusho kwagcwala umlomo ukuthi akangabazi uzobuyela eMkhandlwini ngethikithi loMkhonto.

See Also

Ngenyanga edlule leli phephandaba lakuveza ukuthi igama likaMnu uNathi Nhleko lavela ohlwini labaholi abaphezulu kuMkhonto Wesizwe njengoMgqugquzeli Kazwelonke. UNhleko ubengomunye wabaholi abanohlonze kuKhongolose KwaZulu-Natal, aziwa ngokusondelana kakhulu noMnu uZuma. Phakathi komsebenzi anikwe wona kulezi zinyanga ezimbili ezisele ngaphambi kokuba kuyiwe okhethweni ukuvukuza abalandeli, ukuqinisa amagatsha nokulanda labo abasahleli ku-ANC.

Omunye osejoyine uMkhonto uDkt uKgosi Letlape. 

UDkt Letlapa ubengomunye wezingcithabuchopho zale nhlangano. Phambilini wayenguMengameli Womkhandlu Wodokotela nabasebenzi Bezempilo, iHealth Professional Council of South Africa. 

Scroll To Top