Now Reading
INkatha ithi impendulo isemlotheni: izothula isikhongeli sesifundazwe Ondini
Dark Light

INkatha ithi impendulo isemlotheni: izothula isikhongeli sesifundazwe Ondini

Emuva kwamasonto amabili iqembu lethula isikhongeli salo ezinkumbini zabantu ezinkundleni iMoses Mabhida eThekwini Inkatha Freedom Party (IFP) isikhombe umlenze wesibili wesethulo sesikhongeli. Lo mlenze uzobe ugxile kulokho iqembu elikuthembisa ukukwenza KwaZulu-Natal.

Lesi simemezelo senziwe yilowo onguSihlalo weqembu KwaZulu-Natal nobuye wakhonjwa ngengozolimela kwesikandunankulu, uMhlonishwa uThami Ntuli.  UMphemba uveze ukuthi umlenze wesibili uzokuba sePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi. Usuku kuzobe kulisonto mhla ziyisi-7 kuMbasa.

 “ULundi lubaluleke kakhulu kithi njengeqembu ngoba yilapho iSILO uCetshwayo sanqoba (impi eyadla abafo yaphumelela futhi yabuyela Ondini) khona amaNgisi empini yaseSandlwana,” kuchaza uNtuli egcizelela ukubaluleka kwamasiko nomlando wale ndawo.

Khona lapho uveze ukuxhumana koLundi nomlando weqembu. “Siqoke uLundi njengekhaya lomholi wethu ongasekho uMntwana waKwaPhindangene. Ngokuya Ondini siqhakambisa ifagugu elinguye”

Ondini kulapho uHulumeni wakwaZulu nowabe uholwa nguye uMntwana wawunePhalamende khona nelisanconywa nanamuhla ngokuba ngesinye sezakhiwo ezimqoka nezinhle kuleya ndawo. Kuyimanje kunenkulumompikiswano kwabanye ekutheni kungebuyelwe yini kulesi Sishayamthetho ukuze ngokwenza njalo kuqinisekisa intuthulo ezindlaweni zasemakhaya.

See Also

UMphemba uthe abayokwenza kulo mlenze wesibili wukuvezela umphakathi lokho okuyizixazululo bethathisela emaveni nezinhlelo ezake zaba khona ngaphansi koNdunankulu besifundazwe abedlule ngaphansi kwe-Inkatha okubalawa uDkt uFrank Mdlalose, uDkt  uBen Ngubane, kanye noDkt  uLionel Mtshali .

Le nkundla iPrince Mangosuthu isike yasetshenziswa emicombini emqoka. Yaba yinkundla lapho iSILO esidala uMdlokombane sagcagcelwa khona oKaMafu. Yiyo futhi eyasetshenziswa emgubheni yeminyaka engama-90 yoMntwana kwabuye kwaba yiyo lapho inkonzo yokumphelezela yaba khona .

Scroll To Top