Now Reading
INkantolo Yomthethosisekelo isiphendulile ngolukaZuma
Dark Light

INkantolo Yomthethosisekelo isiphendulile ngolukaZuma

Ubuholi boMkhonto Wesizwe buthi belikulindele ukuphenduka ngokushesha kweNkantolo Yomthethosisekelo ngesinqumo esavuna leli qembu ngokuthi ubuso bukaMnu uJacob Zuma kube yibo obusephepheni lokuvota.

IMK ithi yazi kahle ukuthi angeke ibuye iphila eNkantolo Yomthethosisekelo ngoba iNhloko uRaymond Zondo luyamthinta lolu daba futhi yingane encane kuphela engazi ukuthi kusuka kudala ebophela uZuma amanqina enyathi. Isitatimende saleli qembu sithi okubuhlungu ukuthi akusekho ukujika sebelinde olungaliyo lomhla zingama-29 kuNhlaba okuyilo oluzocacisa ngalempi eliwayo.

Izolo iSekela eNkantolo Yomthethosisekelo likhiphe umyalelo wokuba labo abaphikisana nesicelo bathumele amaphepha izincwadi ezifungelwe ngaphambi koLwesine zingama-25 kuMbasa.

Kulo myalelo osayinwe uMabhalane wenkantolo yomthethosisekelo uSibusiso Mapossa uthe, odabeni oluphakathi kweKhomishini Yokhetho eNingizimu Afrika, kanye noMkhonto Wesizwe Political Party, uJacob Gedleyihlekisa Zuma, uMaroba Matsapola, uBethuel Terrence Nkosi, lapho iSekela leNhloko enkantolo Yomthethosisekelo linqume ukuthi bathumele izincwadi ezifungelwe. Emuva kwesinqumo senkantolo Yezokhetho esavuna uZuma neMK, iKhomishini Yezokhetho yaphonsela inselelo lesi sinqumo ngokuya ngqo enkantolo yomthethosisekelo.

IMK ithe izolandela yonke imigudu yize ingaphansi kwengcindezi. Ngesikhathi ummeli weMK enza isethulo kuleli cala waveza ukuthi ukususwa kukaZuma ohlwini labaya ePhalamende nokuba angalungeneli ukhetho kuphuca abalandeli bakhe ilungelo lokuvotela umuntu abamthandayo.

See Also

U-Advocate Ngckaitobi obemele iKhomishini Yokhetho ubethi akukho mqoka ukuthi kudingidwe okwaba ngumphumela wesigwebo, okusezithebeni zeNkantolo ukuthi isigwebo sakhishwa akusabalulekile ukuthi ummangalelwa wadonsa isikhathi esingakanani.

NgoMsombuluko iMK inqobile ecaleni lokusebenzisana uphawu lomkhonto eNkantolo eNkulu eThekwini elifakwe yi-ANC, muva kwesinqumo iqembu elibusayo alipholisanga maseko lathi lizosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo futhi uma kudinga linikele enkantolo yomthethosisekelo lizokwenza njalo.

Scroll To Top