Kuphinde kwayi-rally yeMK uZuma seNkantolo ekuseni
Ngesikhathi owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma seNkantolo eNkulu eGoli izolo lapho efuna kushushiswe ngasese uMengameli uCyril Ramaphosa abalandeli bakhe basebenzise leli thuba njengombuthano woMkhonto Wesizwe.
Ngaleso sikhathi uRamaphosa ongummangalelwa wokuqala ubehlangene nozakwabo waseBotswana uNdunankulu uMokgweetsi Masisi beyobhonga emswanini endaweni yesehlakalo sengozi eyadlula namakholwa angama-45 ayesuka eBotswana elibangise ebandleni iZCC eLimpopo ngePhasika.
UZuma umangalele uRamaphosa ngokukhululeka ukuthathela izinyathelo UMshushisi Wombuso u-Advocate uBilly Downer ngezinsolo zokuthi waputshuza imininingwane yakhe eyimfihlo ethinta impilo yakhe entathelini uKaeyn Maughan.
Imizamo yokuqala kaZuma yokushushisa uRamaphosa ngoLwezi wezi-2022 yachithwa yiNkantolo ngezizathu sokuthi isenzo sakhe siwukuxhaphaza izinhlaka zomthetho. Kwasolwa nokuthi uZuma wayezama ukunyundela uRamaphosa ekuqokweni njengoMengameli we-ANC.
UZuma wamukelwe ngemikikizo eNkantolo ngamalungu eMK aqale ukutheleka ekuseni. Uthe angangena ngaphakathi wahlala ebhentshini labamangali nalapho encokole khona nabezindaba. Ibonakale ekhipha iselula yakhe ebashutha ngesikhathi nabo bemshutha.
Kuthathe imizuzu engaphansi kwelishumi icala lahlehliselwa umhla zi-6 kuNcwaba. UMehluleli uthe izizathu zalokhu yongoba uZuma kunenamanye amacala angena ngaphansi kowobugebengu asalinde isinqumo kuwo.
Njengokujwayelekile ngaphandle kwenkantolo bekuthe Shaye abalandeli bakaZuma becula izingoma zokumeseka.