Isinqumo ngobunikazi boMkhonto eThekwini namuhla
Uma isinqumo seNkantolo Enkulu eThekwini namuhla sivuna noma yiliphi iqembu phakathi koMkhonto Wesizwe ne-African National Congress ngobunikazi bophawu lomkhonto ngabe kuzoba namthelela muni kubavoti njengoba luya ngokushoshela usuku lokhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba.
Leli cala ligcine ukungena kule Nkantolo emasontweni amabili edlule isinqumo sagodlwa kuze kube yinamuhla ngesikhathi kusacutshungulwa ubufakazi. I-ANC ithi uphawu lomkhonto luyingxenye yomlando wayo wophiko lwezempi uMkhonto Wesizwe oselahlakazwa.
IMK esethulweni sayo yaveza ukuthi uphawu elusebenzisile lwehlukle kulolo lwe-ANC futhi i-ANC yaqeda konke okwakuthinta uMkhonto Wesizwe ngesikhathi ihlakaza lolu phiko. Kwabeseka iqembu eliholwa uMnu uJacob Zuma yize isinqumo sanamuhla kungaba kuhle uma singabavuna kodwa angeke sisakuguqula okuningi njengoba ubuso bukaZuma kuzoba yibo obusephepheni lokuvota.
Emkhankasweni waleli qembu wokungena umuzi ngomuzi linxenxa amavoti eClermont izolo, uMgqugquzeli uMnu uthe bazophuma ngobuningi baye eNkantolo namuhla ekuseni, kodwa angeke bakhathazeka kakhulu uma bengakhala ngaphansi ngoba impi enkulu yokubhaliswa kweqembu nokuba ubuso bukaZuma kube yibo obusephepheni lokuvota bayinqobile. Uthe bazosebenzisa leli thuba ukuhlanganisa amalungu oMkhonto Wesizwe nokuqinisa umkhankaso wabo wokhetho ngoba inhloso yokubadonsela ezinkantolo ukudukisa abantu okuqhutshwa yiqembu elibusayo.
Ekuseni namuhla amalungu amaqembu womabili bese eqalile ukukhandelana eNkantolo, nomgwaqo omkhulu ogudla iNkantolo usuqashwe ngamaphoyisa. Ngempelasonto kube nemibiko yokuthi uphawu lomkhonto seludluliselwe eqenjini elibusayo ngokusemthethweni, yize kungekho ukuvumelana okugcwele emalungwini enhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngeLegacy Project okuyiyo engabanikazi balolu phawu.
ISaturday Star ibike ukuthi ilungu lale nhlangano uRabetsi Montsho ukuqinisekisile ukuthi uphawu baludlulisele ku-ANC kodwa awekho amaminithi alowo mhlangano okuwubufakazi balokho. Kubuye kwavela ukuthi amalungu eLegacy Project asehlukene phakathi ngalolu daba okwenze amanye ahoxa kule nhlangano osekungenza nesinqumo seNkantolo namuhla siye noma yingakuphi.