Now Reading
Ziningi izinguquko ebuholini beMK esikhathini esifushane
Dark Light

Ziningi izinguquko ebuholini beMK esikhathini esifushane

Udweshu lusaqhubeka eqembini leMK eliphethwe nguMnu uJacob Zuma njengoba beshintsha uhlaka lobuholi.

Umxhumanisi KwaZulu-Natal, uMnu uNhlanhla Ngidi weqembu iMK wehlisiwe esikhundleni sokumela iqembu okhethweni lukaNdunankulu KwaZulu-Natal . Esikhundleni sakhe kungene uMnu uThobani Zuma owayeyiSekelea Meya le-ANC kumasipala waseMngungundlovu.

Lokhu kulandela emva kokuthi owayenguMqondisi Jikelele kahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uMnu uNhlanhla Ngidi, eqeda kusayina isifungo se-IEC egameni leMK Party esifundazweni. UNgidi ubehamba phambili ohlwini lweMK Party yeSishayamthetho sesifundazwe.

Khonomanjalo, IKhomishana Yokhetho yaseNingizimu Afrika (IEC) ikuqinisekisile kuleli sonto ukuthi ubuso bukaZuma buzovela evotini esikhundleni somsunguli weMKP, uJabulani Khumalo, ngemuva kwezinguquko zobuholi.

See Also

Ngesonto eledlule iqembu lathi selikhiphe uBonginkosi Khanyile kanye nabanye abaholi bophiko lwentsha. Iqembu liphinde laxosha amanye amalungu ophiko lwentsha, okuhlanganisa iPhini likaMengameli uThapelo Maisha, uGaan Cibane, obenguNobhala Jikelele wesikhashana, noPhilani Gazuzu Ndluli, osesikhundleni sokuba ngumdidiyeli eGauteng.

Ngabe lokhu kusho ukuthini ngeqembu likaMsholozi njengoba sesiphikilele enyangeni yaso Isinqumo, ukhetho lukazwelonke nesifundazwe?

Scroll To Top